Now Reading
Isivumelwano sokuqashwa kwesikhashana sinezinselelo nxa zonke
Dark Light

Isivumelwano sokuqashwa kwesikhashana sinezinselelo nxa zonke

NgokoMthetho Wezobudlelwano Kwezokuqhashwa uNombolo 66 we-1995 kuvumelekile ukuqashwa kwesikhashana esinqunyiwe uma lokho kulawulwa yisehlakalo esithile esiqaguliwe, ukuphela komsebenzi othile noma ukuphela kwesikhathi esithile okuvunyelenwe ngakho. Lokho kufanele makuqoshwe kucaciswe kuso isivumelwano leso. Nokho, loluhlobo lwesivumelwano lunezinselelo ezehlukile kwezesivumelwano sokuqashwa okuwumndundu okwejwayelekile.

Eyokuqala inselelo ikuwo umthetho esigabeni se 198B, lakuthiwa isivumelwano akufanele sendlule isikhathi esiyizinyanga ezintathu ngaphandle kokuba kunesizathu esemukelekile emthethweni. Eminye yalemibande ngeyokuba uma umqashwa eqashelwe ukubambela ongekho ngoba esathathe isikhathi sekhefu ngokuvumelana nomqashi; noma umqashwa eqashelwe umsebenzi wesikhathi esinqunyiwe oyophela ngaso.

Uma isivumelwano sesendlula ezinyangeni ezintathu lokho kube kungalawulwa yilemibandela eyisishagalolunye isiyonke, ngokomthetho lesosivumelwano sekusho ukuthi ngesokuqahwa okugcwele kwesikhathi esinganqunyiwe. Umqashi akasenagunya lokuthi amyekise ukusebenza umqashwa ngoba ethi ubeqashelwe
isikhathi esinqunyiwe.
Umqashi owenzenjalo uyobe esezifaka ecaleni lokuxosha okungenabulungiswa, okungaholela ekutheni aphoqwe ukumbuyisela emsebenzini umqashwa noma amunxephezele.

Kanti uma umqashi eyekisa umqashwa ukusebenza uma sekuphela isikhathi okuvunyelenwe ngaso, noma sekwenzeka isehlakalo esithile esiqaguliwe, noma sekuphela lowomsebenzi othile oqagulwe yisivumelwano; lokho akukhona ukuxoshwa. Ngokomthetho umqashwa akunacala angalifaka ekhala ngokuxoshwa noma ukuyekiswa emsebenzini.

Ziyabonakala lezizinselelo emacaleni amaningi athethwa ziNkantolo neZinkundla zamacala ezisebenzi. Isibonelo ngelinye lamacala abethethwa nguKhomishana. Izisebenzi zaziqashelwe ukusebenza ngesikhathi sobhubhane lwe covid19 ukuthi zilungiselele ukuvulwa kwesikhungo semfundo emva kokuvalwa kukazwelonke. Umsebenzi wazo kwakuwukuthi zihlanze, zifuthe ngemithi ekhuculula igciwane endaweni yokusebenza nokufundela; zenze konke okuqikelela ukuthi lingabhebhetheki ukhuvethe lwe covid 19.

Umqashi wayeziqashele isikhashana esinqunyiwe esiyizinyanga eziyisi 6 kuphela. Kodwa umqashi wabe eseselula isikhathi sokusebenza ngonyaka nezinyanga ezintathu. Sezifake icala zimelwe yinyunyana yazo, izisebenzi zona bezimi ekutheni zaxoshwa, futhi lokho kwakungekho emthethweni ngoba besekufanele zithathwe njengezisebenza ngokugcwele ngenxa yokuthi kwendlulile ezinyangeni ezintathu ezinqunywe yiloMthetho. Kodwa izisebenzi zazizama ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngoba zaziphika ukuthi zaziqashwe ngesivumelwano ezasisayina sesikhashana.

Umqashi yena ubezivikela ngokuthi isivumelwano sokuqashwa kwaku ngesesehlakalo esithile esiqaguliwe(icovid19), noma ukuphela komsebenzi othile nawo oqaguliwe ngokwesivumelwano. Yize wawungaqaguliwe esivumelwaneni lombandela wokuqashwa, kodwa kunhlokhono (interview) nasemusebenzini ezaiwenza izisebenzi kwakucacile ukuthi ukuqashwa kwazo izisebenzi kwakumayelana nobhubhane.

Esecubungule ubufakazi, uKhomishana unqume ukuthi nembala ukuqashwa kwalezi zisebenzi kwaku ngokwesehlakalo esithile okuyi covid19. Ngakho ukuyekiswa kwabo emsebenzini kakakhona ukuxoshwa ngokomthetho. Ulichithile icala lezisebenzi lokuthi bese ziqashwe ngokugcwele noma umndundu ngenxa yokuthi bese kwendlule isikhathi eside ngaphezulu kwezinyanga ezintathu zisebenza.

Isifundo ngecala

Izifundo ezivuka kulelicala, ezingummese osika nhlangothi zombili: ukuthi lesisivumelwano sasingesesikhathi sezinyanga eziyisithupha esendlule ezinyangeni ezintathu, kodwa nhlangothi zombile zisemukele zasisayina zasisebenzisa ngaphandle kwenkulumo. Futhi lesivumelwano kasiqagulile isehlakalo se covid19 eziqashelwe sona izisebenzi. Ukwelulwa kwesivumelwano kwakungaziswangwa ngokubhaliwe, kodwa kwenzeka ngesenzo sokuthi zaqhubeka zasebenza izisebenzi.

Esinye isifundo kulelicala ngesokuthi izisebenzi yizona ebezinomthwalo ngokomthetho (isigaba192 somthetho obhalwe ngenhla) ukuveza ubufakazi bokuthi zixoshiwe. Phela icala ebezilifakile ngelokuxoshwa okungenabulungiswa, obekuphikwa ngumqashi.

Kubanzima ukuveza ubufakazi bokuxoshwa uma ungahlelanga ubufazi kahle futhi uthole izaluleko namaqhinga omthetho ngokufanelekile. Kwelinye icala lenkampani “Ukweza Holdings (Pty) Ltd v Nyondo and others [2020] 6 BLLR 544 (LAC)”, isinqumo kwaba ukuthi ukwehluleka koqashi ukwazisa isisebenzi ngaphambi kokuphela kwesivumelwano sesikhashana esinqunyiwe, ukuthi angeke sisavuselelwa, akusho ukuthi sekungesokuqashwa okugcwele, ngaphandle kokuthi umthetho ukucacisa lokho.

See Also

Kulelicala elalithethwa nguKhomishana, ukuqedwa kwesivumelwano sesikhashana kwakwendulelwe yisaziso esilawulwe nguMthetho Wemibandela Eyisisekelo Yokuqashwa (uNombolo 75 we- 1997). Ngakho-ke lokho kwakuhambisana nokuqedwa kwesivumelwano sokuqashwa ngokwesigaba sama 37 soMthetho Wemibandela Eyisisekelo Yokuqashwa (uNombolo 75 we- 1997).

Kodwa ukube abamangali kulelicala elalithethwa ngu Khomishana babegxilise ubufakazi babo ekutheni bona base bekulindele, sebekwamukele ukuthi sebeqhashwe ngokugcwele ngokulawula koMthetho Wezobudlelwano Kwezokuqhashwa uNombolo 66 we-1995 esigabeni 186(1)(b); babengahle bephumelele. Phela isikhalo sabo kwakuwukuxoshwa okungenabulungiswa ngoba bona basebezithatha njengabaqashwe ngokugcwele.

Lesisigaba somthetho sichaza ukuxoshwa ngokuthi kuwukwehluleka noma ukwenqaba komqashi ukuvuselela isivumelwano sokuqasha kwesikhashana ngemibandela efanayo, lapho isisebenzi sona sinethemba elisemthethweni lokuthi sizovuselelwa isivumelwano noma umqashi uzosiqasha ngokugcwele isisebenzi. Lombandela walokhu wagcizelelwa nayiNkantolo Yomthethosisekelo ecaleni lika Zungu v Premier, Province of KwaZulu-Natal & another (2018) 39 ILJ 523 (CC). Ubufakazi obabungephikiswe kulelicala babuvuna ukuthi ukube babuhlelwe phezu kwalesisisekelo kwakuyobanzima kuKhomishana ukuchitha icala lezisebenzi. Futhi nomqashi wayeyobhincela nxanye.

Funda kabanzi ngezabasebenzi ebhukwini “Sihlaziya Imithetho- Izindaba Zabasebenzi Nabaqashi” litholakala ngoxhumana nathi ngocingo noma yiWhatsapp: 0765630397 nange email nokwanda1508@gmail.com.

UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wezisebenzi. Ubuye abe ngumahluleli nomxazululi emacaleni ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene.

Scroll To Top