Now Reading
Abenza umsebenzi obucayi banezibopho ezehlukile kwabanye
Dark Light

Abenza umsebenzi obucayi banezibopho ezehlukile kwabanye

AMALUNGELO  okuteleka nokujoyina inyunyana aqinisekiswe nguMthethosisekelo. Yiwo la malungelo ayisisekelo sokuvikela amalungelo abasebenzi.

Ngaphansi kwala malungelo abasebenzi bayakwazi ukuzihlela beziqoqe ngaphansi kwezinyunyana. Besebenzise amandla okuhlanganyela ngaphansi kophiko lwezinyunyana ukuxoxisana nabaqashi babo.

Uma ukuxoxisana kungalethi imiphumela ebagculisayo; abasebenzi banelungelo lokufaka udaba ezinkundleni zokuxazulula okuthi uma lungaxazululeki basebenzise igunya lelungelo lokuteleka. Kodwa abenza umsebenzi obucayi bona baphuciwe ilungelo lokuteleka. Sibheka izinqumo zeziNkantolo ezingxabanweni zabaqashwe emisebenzini eqagulwe kwathiwa ngebucayi.

Emthethweni Wezobudlelwano Emsebenzini, imisebenzi ebucayi ichazwe ngokuthi: yileyo okuthi uma inqanyulwa noma ingenziwa lokho kubeke engozini izimpilo zabantu noma ukuphepha komphakathi wonkana; yileyo yabasebenza ePhalamende nemisebenzi yamaphoyisa. Makuqapheleke ukuthi imisebenzi yombutho wezempi nowezinhloli ayibaliwe lapha ngoba loMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini awungeni kwasanhlobo kulaba basebenzi.

Bona baneyabo imithetho elawula ukusebenza kwabo, nezobudlelwano babo nabaqashi babo. Umthetho ugunyaza ukusungulwa kweKomidi Lemisebenzi Ebucayi (Essential Service Committee) elisebenza ngokuzimela ngaphansi kophiko lweKhomishini iCCMA. Leli komidi lisungulwa nguNgqongqoshe Wezabasebenzi ngokubonisana neNEDLAC noNgqongqoshe Wezokuphathwa Kwabasebenzi Bomphakathi (Public Service & Administration).

Imisebenzi yaleli komidi ukwenza uphenyo lokuthola ukuthi imisebenzi ethile ingebucayi yini, ukuxazulula nokunquma izingxabano mayelana nokuthi imisebenzi ethile ingebucayi yini. Leli komidi linomthwalo wokugcizelela izivumelwano zokuxoxisana kuhlanganyelwe mayelana nemisebenzi engafanele iphazanyiswe uma kuneziteleka ngoba iqagulwe njengemisebenzi ebucayi.

Ikomidi lisebenzisa ukuncika kwalo kuCCMA ekuqhubeni umsebenzi walo. Wonke amacala nezingxabano ezimayelana nokuqagulwa kwemisebenzi ukuthi ingebucayi yini noma cha ahlulelwa yilo ikomidi. Amanye amacala nezingxabano eziphathelene nokuqashwa emisebenzini ebucayi wona axazululwa aqulwe yiCCMA noma iMikhandlu Yezimboni. Kodwa la macala aphathwa ngabaxazululi noKhomishana bekhethelo abaqeqeshelwe lo msebenzi ngoba inqubo yawo ihlukile kweyamacala ajwayelekile.

Kunempikiswano namacala amaningi amayelana nokuthi ngonjani umsebenzi obucayi noma okufanele uthathwe njengobucayi ukuze kuthi abasebenza kuwo bephucwe ilungelo lokuteleka. Masiqaphele ukuthi ilungelo lokuteleka labo bonke abasebenzi liqinisekiswe nguMthethosisekelo eSigabeni 23(2)(c). Kodwa labo abasebenze emsebenzini oqagulwe njengobucayi kabavumelekile ukuteleka ngoba lowo msebenzi kufanele uqhubeke ngaso sonke isikhathi unganqamuki.

INkantolo YoMthethosisekelo yanquma ukuthi uma liqagula imisebenzi njengebucayi, iKomidi Lemisebenzi Ebucayi kufanele licophelisise ukuthi kalinciphisi ilungelo lokuteleka ngokungenasidingo. INkantolo yathi iKomidi maliqinisekise ukuthi ngumsebenzi oqagulwa njengobucayi, hhayi abaqashwa abenza lowo msebenzi.

INkantolo yathi futhi akumele kube yimboni noma ibhizinisi elithile eliqagulwa njengelibucayi kodwa makube ngumsebenzi. Ikhipha lesi sexwayiso ecaleni leSAPS v POPCRU & Another [2011] 9 BLLR 831 (CC), iNkantolo YoMthethosisekelo yanquma ukuthi abasebenzi abaqashwe yiSAPS abangewona amaphoyisa (ombhalane) akumele bethathwe njengabenza umsebenzi obucayi.

See Also

Lokhu kutshengisa ngokusobala ukuthi ngumsebenzi hhayi umqashwa, imboni noma ibhizinisi elithathwa njengelibucayi. Ecaleni leSATAWU& Others v Moloto NO & Others 2012 (11) BCLR 1177 (CC) iNkantolo yahamba kuso isinqumo esingenhla sokuthi ukugwema isiteleka emisebenzini ebucayi kumele kuthathelwe ekutheni ingqikithi yoMthethosisekelo iSigaba 23(2) (c) noMthetho Wezobudlelwano Emsebenzini ukunikeza ilungelo lokuteleka okungafanele kuncishishwe noma kwemukwe kungenasidingo. Okusho ukuthi kufanele ingabiminingi imisebenzi eqagulwa kuthiwe ngebucayi embonini noma ebhizinisini. Kodwa kumele ukuba yileyo eyizisekelo zalowo msebenzi owenziwa kuleyo mboni noma ebhizinisini.

Ekuqaguleni ukuthi umsebenzi ungobucayi okwenziwa yiKomidi, inyunyana nomqashi abathintekayo babe sebexoxisana besayine isivumelwano esilawula ukuthi uma kunesiteleka ngabasebenzi abangaki abayodingeka ukuqhubeka nomsebenzi ukuze unganqanyulwa yisiteleka. Lesi sivumelwano esibizwa ngokuthi yiMinimum Service Agreement (MSA), sethulwa siqinisekiswe noma sigunyazwe yilo iKomidi Lemisebenzi Ebucayi. Isivumelwano lesi siqagula inani labasebenzi abayodingeka ukuthi besebenze bengangeni esitelekeni ukuze kuqhubeke umsebenzi ungakhinyabenzwa yisiteleka.

Ecaleni leCity of Johannesburg v SAMWU & Others (J1746/16) kwakunempikiswano mayelana nesibalo sabasebenzi okufanele bengangeni esitelekeni ngokwesivumelwano. Inyunyana yabe isinikeza umqashi isaziso sokuthi yona isiyahoxa esivumelwaneni ukuze iteleke ngaphandle kwezibopho nezithiyo.

INkantolo Yezabasebenzi yanquma ukuthi ayikwazi ukuhoxa esivumelwaneni inyunyana ngoba lokho kumele kugunyazwe futhi nayiKomidi Lemisebenzi Ebucayi. Okuchaza ukuthi isivumelwano lesi kakusiso esomqashi nenyunyana kuphela kodwa neKomidi liyingxenye yaso. Lesi sinqumo sigcizelela sona isibopho esinqinda ilungelo lokuteleka kunye namacala athinta imisebenzi ebucayi.

  • UMnu uBheki Khumalo ungumeluleki ozimele kwezomthetho wabasebenzi. Ubuye abengumahluleli nomxazululi emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargaining Councils ahlukene. Uyatholakala ocingweni, ku-imeyli nakuWhatsApp: 0828823067; bhekikhumalo102@gmail.com
Scroll To Top