Now Reading
Abuyela namuhla enkantolo amaphoyisa kaMashatile
Dark Light

Abuyela namuhla enkantolo amaphoyisa kaMashatile

Siyaqhubeka namuhla ngoLwesithathu isicelo sebheyili samaphoyisa aqapha izikhulu eziboshwe ngeSonto emuva kwevidiyo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana zigxoba amadoda amathathu ayewasola ngokuthi awashayelise kabi emgwaqeni onguthelawayeka uN1. Lamaphoyisa aqapha iSekela likaMengameli uMnu uPaul Mashatile. 

Amaphoyisa azinikele ngeSonto abe eseyavalelwa. Icala like labambezeleka ngoMsombuluko ngesikhathi ummeli wawo enxusa inkantolo ukuthi ingabavumeli abezindaba ukungena ngaphakathi enkantolo nokubika ngaleli cala. Ummeli uthe banokukhathazeka ngezokuphepha futhi akukho kuhle ukuthi bavezwe nobuso ngoba bangaveza nezinto ezibucayi ezithinta nezwe. 

IMantshi uHlengiwe Mkhabisi usichithile lesi sicelo wathi umphakathi uyadinga ukwazi ukuthi kuqhubekani ngokuthembela owabe indaba. Esikhundleni salokho uthe lamaphoyisa angaphansi kophiko iVIP Protection Unit angazifaka izifonyo enkantolo enzele ukuzifihla ubuso.

Zisuka nje ebhandeni umbuso uthe uzosiphikisa isicelo sebheyili kulaba basolwa okungoJohannes Mampuru, uJoseph Mofokeng, uHerman Ramokhonami, uPhineas Boshielo, uChurchill Mkhize, u-Aggrie Rambau noMoses Tshidada.

See Also

Babhekene necala lokukhomba ngesibhamu, ukushaya nokulimaza impahla. Bamisiwe emsebenzini kodwa bayaqhubeka nokuhola njengoba besahamba icala.

Scroll To Top