Iqhingasu ngomhlaba kaZulu okumele usimamise umnotho


Ezinyangeni ezedlule kubekhona ukuhumuzela eMakhosini kanye naseNdlunkulu mayelana nodaba lomhlaba kanye nokuqokwa kweBhodi le-Ingonyama Trust. Lokhu kuhumuzela sekwenze kwaba khona abaningi abakubona njengokungaboni ngasolinye nokugqabuka kwegoda phakathi kweSilo kanye noNdunankulu waso, uMntwana waKwaPhindangene.
Kepha, kuyo yonke lenkulumo emayelana nobuholi obusha beBhodi, abantu abangeyona ingxenye yilabo abahlala emhlabeni owengamelwe yi-Ingoyama Trust.
Ngemuva kokungena esiHlalweni, iSilo uMisuzulu sibe nethuba eliyingqayizivele lokusabalalisa umqondo mayelana nokungahle kwenziwe ukusebensiza ifa likaZulu ngendlela ezosimamisa umnotho.
Umhlaba wesizwe saBafokeng eRustenburg esifundazweni iNorth West unothe ngohlobo lwensimbi iPlatinum. INkosi yokuqala yalesi sizwe uKgosi Leruo Molotlegi waba nobuhlakani bokuthi asungule iRoyal Bafokeng Holdings (RBH) ngowe-2006.
IRBH yinkampani ezimele eneBhodi elizimele kodwa ephethwe yiRoyal Bafokeng Development Trust (RBDT). IRBH yasungulwa ukuba isebenzise inzuzo esuka ezimayini ezimba iPlatinum emhlabeni wesizwe – amaRoyalties – ukuba ikhusele ikusasa lesizwe.
IRBH isebenzise lenzuzo ukuba ithenge ingxenye yezinkampani ezinkulukazi kuleli – ekubalwa kuzo: i-Impala iPlatinum, iVodacom, iFirst Rand, iDiscovery, iMomentum nezinye. iSizwe iBafokeng izuze lukhulu ngobuhlakani bokusungula iRBH. Kusukela yasungulwa ngowe-2006, iRBH isikhokhe imali elinganiselwa ku-R7.5 billion kwiRoyal Bafokeng Development Trust.
Lemali isetshenziswe ekwakhiweni kwenqgalasizinda njengemitholampilo, izikole, ukwakhiwa kabusha kwemigwaqo, izindlu zomxhaso kanye nemifundaze ezinganeni zesikole.
Kungani pho, uZulu engeke akwazi ukusika iphethini ngokuba asungule okufanayo. Kwazise, ziningi izinselelo ezikhona kwelikaMthaniya. Baningi ozakwethu abasebenza emabhange amakhulu, abangamazulu aziqgajayo angalekelela ngamakhona abo ukuze sisimame isizwe sikaPhunga noMageba. Inqobo nje, uma ubuholi bethu bungacabanga busabalale.
UMsizi njengamanje uyiManaging Executive for Environment, Social and Governance (ESG) kwa-Absa Corporate and Investment Banking (CIB), lapho ehlinzeka ngobuholi obuphezulu bezinhlelo zefemu ezihlobene ne-ESG.