Now Reading
UNtuli uthi kukhona abamdlalisa injeje ngohlelo lwamanzi
Dark Light

UNtuli uthi kukhona abamdlalisa injeje ngohlelo lwamanzi

IMeya kaMasipala iKing Cetshwayo uMnu uThami Ntuli uvikela uhlelo lwamanzi oludle izigidi eziyi-R6. Emasontweni edlule kusabalale isithombe sakhe ezinkundleni zokuxhumana  evula umpompi, abantu basala benemibuzo ukuthi ngabe ngompompi nje ojwayelekile sekungaze kuthiwe kuchithwe imali engaka.

Ekhuluma nelaboHlanga uNtuli uthe: “Abantu bayohlezi bekhuluma, okubi ukuthi bakhuluma okungekhona. Le phrojekthi yamanzi inkulu kakhulu, akuyona lento abantu abayibonile. Ngikhuluma kufakwe amathangi, ompompi, amapayipi azohambisa amanzi ezindaweni eziningi. Kubuhlungu ke ukuthi kube yilesi sithombe esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho ngivula khona umpompi. Base babona ithuba lokuthi abakhulume kabi ngami, kanye neqembu Inkatha Freedom Party (IFP) kuthiwa senza inkohlakalo. Inkohlakalo into esilwa nayo leyo ngeke yenzeka ngaphansi kobuholi bami,” kusho uNtuli. 

Okuyikho okugqamile ukuthi ushubile umbango wezepolitiki phakathi kwe-IFP ne-African National Congress (ANC).  Umnyombo woqhekeko wukushintshana kwamandla kuMasipala wesifunda iKing Cetshwayo, osuphethwe yi-IFP njengoba iqoqe amandla okhethweni lomasipala lwangonyaka wezi-2021. Lesi sifunda, okuyisizinda semikhandlu yasekhaya njengedolobha uMhlathuze, uMlalazi, iMfolozi, uMthonjaneni neNkandla, singesesibili ngobukhulu emnothweni esifundazweni iKwaZulu-Natal. Phambilini bekuphethe i-ANC. UNtuli uthe ngeke bephazanyiswe iqembu elihlulekile ukulethela izakhamizi zalesi sifunda intuthuko kwaze kwaba liyakhishwa. UNtuli ubekhuluma nezakhamuzi zasesigodini eMkhandlwini ngaphandle kwaseMpangeni ogwini olusenyakatho ngesikhathi kwethulwa imifelandawonye yezolimo, okuwuhlelo okuhloswe ngalo ukulwa nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi endaweni.kuMasipala uMthonjaneni.

Scroll To Top