Asethembe okwenziwe iBanyana kuliqwebulile ulwelwe kwabaphethe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuliqiniso ukuthi okwenziwe iBanyana Banyana akuyona neze into encane. Elakuleli liphume koweLast 16 eNdebeni YoMhlaba ebanjelwe e-Australia ngokubambisana neNew Zealand, likhishwa izintokazi zaseNetherland ngamabili eqandeni.
Ukuphuma kwelakuleli kulesi sigaba kube yinto enkulu ngoba vele belingabhekiwe ukuthi lingadlulela kweyomkhumulajezi. Okuhle namazwe abeyizimvivilithi asheshe aliwasha ijezi, lapho ngikhuluma ngeBrazil, iGermany ne-United State of America (USA) efike kulo mqhudelwano ikeliswe phezulu emhlabeni futhi kuyiyo evikela isicoco eyasidla ngowezi-2019.
Ukwenza kahle kweBanyana Banyana ebeyidlala okwesibili iNdebe YoMhlaba, ngikholwa ukuthi kuwavulile amehlo ezikhulu eziphethe unobhutshuzwayo kuleli ngokuthi ziqale iligi yabesifazane ekhokhelayo. Buningi ubufakazi bokuthi likhule kakhulu ibhola lakuleli labesifazane, buka ngonyaka wezi-2019 iBanyana Banyana yaguqa ekuseni kweyoMhlaba kulokhu iphume kuLast 16. Okunye isibalo sabadlali silinganiselwa kumaphesenti angama-95, abadlala phesheya akade beye kweyoMhlaba.
Okumqoka manje sibonile sonke ukuthi ezinye zezinto ezisishayile, ukungabi nayo iligi ekhokhelayo kuleli. Okwamanje iligi kazwelonke yakuleli, iHollywoodbets Super League isesigabeni sama-amesha. Ngaphansi kwayo kukhona eyezifundazwe, iSasol Provincial League. Ngikholwa ukuthi impela kulonyaka osalelwe izinyanga ezine ngaphambi kokuthi usongwe, makungathiwa kuvulwa iligi ekhokhelayo okanye esesigabeni esiphezulu ngonyaka wezi-2027 impela singabhajwa kowandulela owamanqamu.
Nakulokhu besingadlulela phambili ukube uBambanani Mbane noJermaine Seoposenwe abaphumanga ngesiwombe sokuqala, nokaputeni uRefiloe Jane akalimalanga kumdlalo wokuqala.
Buka nje unozinti wethu uKaylin Swart ekuseni uqala aye emsebenzini ntambama aye ejimini. Ukube ubedlala kuligi ekhokhayo okanye phesheya mhlambe ubengeke awenze lamaphutha awenzile.
Impela izikhulu zeSouth African Football Association (Safa) akube khona ezikwenzayo, izintokazi zakithi zenze kahle kakhulu. Okunye okungalekelela amantombazane akuleli ukuthi amaqembu adlala kuDStv Premiership awasungule amaqembu abesifazane.
ISundowns Ladies, iRoyal AM, iSuperSport United neTS Galaxy la maqembu asenawo amaqembu abesifazane. IKaizer Chiefs kuke kwavela ukuthi ikhuluma neJVW FC kaJanine Van Wyk, i-Orlando Pirates yona ikhuluma ne-University of Johannesburg (UJ) neWits University.

