Now Reading
KwaNSFAS bakhala ngobuqola kubafundi abadinga uxhaso
Dark Light

KwaNSFAS bakhala ngobuqola kubafundi abadinga uxhaso

Emuva kwezikhalo eziningi ngokuthi isikhwama esixhasa abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS) sikhetha iphela emasini ababhekelele lesi sikhwama bazithethelela ngokuthi kunezinkulungwane zabafundi abafaka izicelo bahlomula ngokungemthetho. 

Ngasekuqaleni kwesinto abalesi sikhwama badalule ukuthi baphuce uxhaso abafundi abangaphezulu kwe-31 000 ababefake izicelo besebenzisa imininingwane engamanga. Isitatimende esikhishwe iNSFAS sithe sebebonke abafundi abaphucwe uxhaso bangama-45,927 bakhishwa nasemabhukwini alesi sikhwama okusho ukuthi abasolhinde baxhaswe. Ukuze kugcine kubanjwe laba bafundi iNSFAS isebenzise izinhlaka zikahulumeni ezinjeSARS, uMnyango Wezasekhaya, iSouth African State Security Agency kanjalo nophiko olubheka isimo sabantu sezikweletu.

Emuva kokucutshungulwa kwabo iningi lichithiwe, kwathi abafundi abayi-14,703 labuyiselwa uxhaso kubo abangama-31,224 baphucwa. Kuvele ukuthi ngesikhathi befaka izicelo okokuqala abafundi bebesebenzisa imininingwane eqondile yabazali babo, lapho kuvela khona ukuthi bangakwazi ukumelana nezindleko zabafundi emanyuvesi bese beshaya ungqimphothwe uma sebefaka isicelo sesibili basebenzise imininingwane yabanye abantu abathi ngabazali babo.

See Also

KwaNSFAS bathi uma sebecubungula izicelo kuba sekuvela imininingwane yesicelo esidala. USihlalo weBhodi lakwaNSFAS uMnu u-Ernest Khoza uthe izicelo zonke ezifakwayo bayazicubungulisisa ukuze kugwenywe ubugebengu obenziwa ngabanye abafundi. UKhoza uthe lenkohlakalo imosha isikhathi futhi ilimaza nabanye abafundi okumele engabe bayahlomula kulesi sikhwama.

Scroll To Top