Now Reading
Iyakhanya indlela yeBafana Bafana ebheke eQatar
Dark Light

Iyakhanya indlela yeBafana Bafana ebheke eQatar

Zipho Singela

IBafana iqumbe phansi i-Ethiopia ngo 1-0 wegoli likaGetaneh Kabede izolo ebusuku eFNB Stadium emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba. UYosuf Maart ugobe elihle ibhola ngakwesonxele kade kuyikhona.

Lihlangane noVictor Letsoalo olingqofele ngekhanda ezama ukulinamathelisa enethini kwathi umzamo wakhe waqedelwa nguKabede obelibasele enethini yangakubo.

Lo mdlali oke wayibamba kuBidvest Wits nakuPretoria University ubezama ukulivimba ekutheni lingaweqi umuqa kodwa walishuphuzela ngakubo ngomzuzu wesihuminanye.

Ngemuva kwalokho i-Ethiopia iqalile yathola umgqigqo izama ikude.

ULetsoalo uyeke elihle ithuba ngoka-28 ngemuva komnyakazo omuhle ka-Evidence Makgopa noBongokuhle Hlongwane.

UMakgopa ujike kamnandi ngaphandle kwebhokisi wase esepotshozela uHlongwane ubisi lwephasi ngakwesokudla.

UHlongwane akazange enze izinto eziningi kodwa wenze izinto zalula egoba ibhola ngesinono.

Lo mnyakazo ubusushoda ngegoli kwazise uLetsoalo uvele walibhamuza phezu kwamapali yasinda kanjalo i-Ethiopia.

Ukaputeni weBafana uRonwen Williams uvimbe ibhola ebeliyingozi ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefeni.

IBafana kuyiwe ekhefini ihamba phambili ngo 1-0. UMakgopa udlale ngomsebenzi ngomzuzu ka-55 eyeka ithuba elilula.

UTeboho Mokoena nguyena ovuse inyamazane ngakwesokudla eqeda ngezitobha ze-Ethiopia ngemuva kwalokho wakhipha ulozolo kwephasi oluthole uMakgopa ozame ukweqisela unozinti wezitha kodwa ibhola lakhe lakhishwa seliyoqabula enethini.

Ngesiwombe sesibili, iBafana ayizange yakhe inqwaba yamathuba. Kunalokho yenze konke okusemandleni ayo ukuvikela igoli layo.

IBafana igcine ikwazile ukubambelela kwaze kwaphela umdlalo. Njengamanje iyona esahlezi esicongweni ngemuva kwemidlalo emine.

Isiqoqe amaphuzu alishumi. Ithele othulini iGhana ngo 1-0 yase ivithiza i-Ethiopia ngo 3-1 ekuhambeni.

Iphinde yayiphinde i-Ethiopia ngo 1-0 izolo ebusuku. Emidlalweni emibili yokugcina isizobhekana neZimbabwe neGhana.

Umbango usuphakathi kweBafana neGhana. Ama-Black Stars ayihlezi entanyeni iBafana. Ngemuva kwemidlalo mine aseqoqe amaphuzu ayisishiyalolunye.

See Also

La mazwe womabili azotholana phezulu emdlalweni wokugcina okungenzeka ube nguwafa wafa.

Iqembu elizoqeda esicongweni lizodlulela esigabeni sokuhlunga lapho kuzodlalwa khona imilenze emibili.

IBafana sekunesikhathi yagcina ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba ngezithukuthuku zayo.

Yagcina ngo-2002 eJapan/Korea isacijwa nguCarlos Queiroz wasePortugal. Ngo-2006 kwelaMajalimani elakuleli belingabonwa nangokhalo.

Kuphinde kwaba ngesifanayo ngo-2014 Brazil nango-2018 eRussia.

Ngo-2010, iBafana idlale njengosokhaya. Nokho izinto zishintshile ngaphansi kobuholi bukaHugo Broos odabuka eBelgium.

IBafana isisalelwe yimidlalo emine ukuze ikwazi ukuqeda isikhwakhalala seminyaka engu-20 ihlulwa wukuzibekisela indawo kweyoMhlaba.

Scroll To Top