Now Reading
Ube impumelelo umjaho ohlelwe iJBS neRed Cross
Dark Light

Ube impumelelo umjaho ohlelwe iJBS neRed Cross

UThulani Shabalala, oyindodana yomsunguli weLadysmith Black Mambazo nobeseqhulwini lokuhlela lomjaho emi nabanye abebehambele umjaho.

Basebenzise umjaho wokugijima ukuxwayisa abantu ukugwema ukwakha ezindaweni ezihlaselwa kalula izikhukhula. Lokhu kwenziwe iJoseph Bhekizizwe Shabalala Foundation ibambisene nabakwaRed Cross abahlele i5km Fun Run esukele kwaMax Lifestyle kwaV eMlazi yaphelela eHostela eTehuis ngoMgqibelo ekuseni.

UThulani Shabalala, oyindodana yomsunguli weLadysmith Black Mambazo nobeseqhulwini lokuhlela lomjaho, uthe basebenzisane neRed Cross ngoba bekhathazekile ngemindeni eyakhahlanyezwa izikhukhula. “UBaba wethu uMshengu wayengumuntu owayethanda ukuphosa esivivaneni uma ebona abantu bengaphathekile kahle. Ezokugijima into abeyithanda kakhulu njengoba wasungula i-Walk eMgababa. I-JBS Marathon esizoyihlela okwesibili ngoNhlolanja ngonyaka ozayo ngenye yezinto ayeyithanda ngoba ethanda abantu bezinhlanga ezahlukene,” kusho uThulani naye obegijima kulo mjaho.

USiyabonga Hlatshwayo oyiMenenja esifundazweni kwaRed Cross ukhuthaze abebeyingxenye yomjaho ukuthi baqikelele ukuthi umhlaba abakha kuwo awuntengantengi. “Sinxusa bonke labo asebeke bakhahlamezeka bathuthe ukuze bengagileki. Sihlela nokuqongelela imali yesikhwama sokusiza abakhahlamezekile

UThulani uveze nokuthi bazoqhubeka basebenzisane noRed Cross noMasipala iMooi River Mpofana ukugubha usuku lwabesifazane nalabo abaphila ngokukhubazeka. Uthe umcimbi uhlelelwa ukuba seMooi River Bruntville Stadium ngomhla ziyi-9 ngenyanga ezayo. Uthe bazosebenzisana noNdlunkulu nabanye abaningi besifazane abahlonishwayo kuleli. 

See Also

Abanqobile kwabesilisa:

  • UNkululeko Madlala
  • UThokozani Bhengu
  • USiyabonga Mbhele
  • USiyabonga Shange 
  • U-Andile Mngomezulu 

Kwabesilisa:

  • U-Andiswa Ndlanzi
  • ULuyanda Ntshangase
  • USphephile Khumalo
  • UNelisiwe Ndangabanye 
  • U-Andiswa Masondo noSaneli Ngwazi abaphume ngokulingana endaweni yesihlanu. 
Scroll To Top