Now Reading
AbakwaGupta sebephenduke uthi oluxake igula
Dark Light

AbakwaGupta sebephenduke uthi oluxake igula

NGESIKHATHI kubukeka sengathi iKhomishana kaZondo isiqala ukufudumala ngokubizwa kofakazi abazokwenza izethulo ngokugwamandwa kwamandla ombuso, kuthande ukudida okwenziwe abezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA) nethe ihoxisa amacala okwesikhashana kumalungu athile omndeni wakwaGupta nezinkampani zawo. Kuzokhumbuleka ukuthi laba bakwaGupta bathinteka ecaleni lokukhwabaniswa kwemali eyizigidi ezingama-R250 eyayiqondene nephrojekthi yepulazi lobisi i-Estina eVrede esifundazweni iFree State. Le phrojekthi yayizohlomulisa abalimi boHlanga abasakhasayo.

Bezithethelela abeNPA bathe amacala ahoxiswe ngoba kungabanga khona ukubambisana ngokutholakala kolwazi obeludingeka e-United Arab Emirates nase-India ngalabo abahlangene ngokwamabhizinisi nomndeni wakwaGupta. Lokhu besekuthathe isikhathi eside kakhulu kwabonakala ukuthi amacala awahoxiswe okwesikhashana kuze kube abezokushushisa baqeda uphenyo lwabo. Labo iNPA ehluleke yancama ukubabeka amacala nguMnu uNazeem Howa owayeyiSikhulu Esiphezulu sakwaTNA; uMnu u-Ashu Chawla owayeyiSikhulu Esiphezulu sakwaSahara Computers; uMqondisi we-Estina uMnu uKamal Vasram; umshana wabozalo lakwaGupta uMnu uVarum Gupta, owayeyisikhulu sase-Oakbay uNkk uRonica Ragavan nezikhulu ezintathu zikaHulumeni waseFree State.

Lowo okhulumela abezokushushisa uMnu uPhaladi Shuping ukhale ngokuthi ukungaphothulwa kophenyo ngabakwaGupta bekungaphezulu kwabo. Uthe, ‘Ubufakazi bokuthi sikwazi ukuphothula ukubeka abasolwa amacala abukho ezandleni zethu. Abaphenyi bazosebenza nabezomthetho e-United Arab Emirates nase-India ukwenza isiqiniseko sokuthi sithola bonke ubufakazi obuzosenza sikwazi ukushushisa abasolwa ngamacala ngempumelelo. Uma sekwenzeke njalo siyobe sesilibuyisela phambi kwenkantolo icala,’ kuqinisekisa uShuping.

Ongumholi weDemocratic Alliance (DA) esifundazweni iFree State uNkk uPatricia Kopane ukhale kakhulu ngalesi sinqumo seNPA sokuhoxiswa kwamacala. Ephawula uthe, “Kumele kube khona oshushiswayo ngecala lasepulazini i-Estina. Kumele sazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi abantu okwakufanele bazuze ngobukhona baleli pulazi bagcine bengasatholanga lutho,” ephetha.

See Also

Ukuhoxiswa kwala macala kukhomba ukuba mpunyumpunyu kwabakwaGupta emacaleni abasolwa ngawo. Kubukeka sengathi abomthetho baphuthuma ukubabeka amacala bengakaphenyi baqoqe ubufakazi ngokwenelisayo. Lokhu kungahle kubhidlize obunye ubufakazi obethulwe nobusazokwethulwa ngabathile kule khomishini ngalokho abakubiza ngokugwamandwa kwamandla ombuso eFree State. Kuze kube yimanje kuKhomishini kaZondo akukahlali noyedwa esigcawini ongowomndeni wakwaGupta yize imilomo yabebezokwenza izethulo zisavunana ngokuthi abakwaGupta bangobhongoza ezinsolweni zokugwamandwa kombuso. Lesi sinqumo sakamuva sabezokushushisa sikhomba ukuthi abakwaGupta bangaba wuthi oluxake eguleni kwabezokushushiswa kuleli. Akubukeki kuzoba lula ukubabeka amacala njengoba kungekho nkantolo esabathole benecala okwamanje.

Scroll To Top