IBrics emizamweni yokuqeda udungunyane e-Ukraine
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
IRussia ithi izoqhubeka nokuxoxisana neChina, iBrazil kanye nabalingani base-Afrika mayelana namathuba okuxazulula ngokuthula inkinga ese-Ukraine.
Isitatimende soMnyango Wezangaphandle waseRussia silandela iNgqungquthela yeRussia-African Summit ngesonto eledlule lapho abanye abaholi base-Afrika bebefuna ukunxenxa uMongameli uVladimir Putin ukuthi aqede impi e-Ukraine.
Phambilini, uMengameli uCyril Ramaphosa, obehambele le ngqungquthela, uthe iNingizimu Afrika iyakuthokozela ukwesekwa kukaPutin engqungqutheleni yeBRICS ezoba kuleli.
Bobabili abaholi bavumile ukuthi uPutin uzoba yingxenye yalengqungquthela ngezokuxhumana ngemuva kokuthi iInternational Criminal Court ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhengezinsolo zobugebengu bempi ese-Ukraine. URamaphosa uthe uyilindele ngabomvu ingqungquthela.

