Now Reading
Izinhlangano zomhlaba zigxeka okwenzeka eNiger
Dark Light

Izinhlangano zomhlaba zigxeka okwenzeka eNiger

UHulumeni woMbutho (Millitary Junta) othathe izintambo zombuso eNiger ngesonto eledlule ubophe osopolitiki abakhulu ngoMsombuluko, ngokusho kweqembu labo, uziba iziphakamiso zamazwe ngamazwe zokubuyisela umbuso wentando yeningi, nokuyilapho abanye ababusi bezempi eNtshonalanga Afrika bezwakalisa ukweseka kwabo lombutho. Ukuketulwa kukaMengameli uMohamed Bazoum kuthumele ukushaqeka eNtshonalanga Afrika yonke, kwaqhatha ababebambisene neNiger baseNtshonalanga nabafana neRussia nabanye abaholi bejunta esifundeni.

I-African Union, i-UN, i-European Union bakugxekile ukuketulwa kukaMongameli u-Mohamed Bazoum, okuyihlandla lesikhombisa sokuthatha kwamasosha esikhathini esingaphansi kweminyaka emithathu eNtshonalanga ne-Afrika Emaphakathi nokwenze kwabukela phansi inqubekelaphambili yentando yeningi kwesinye sezifunda ezimpofu kakhulu emhlabeni.

Inhlangano yesifunda i-ECOWAS ifake unswinyo, okuhlanganisa nokumisa konke ukuthengiselana ngezimali kanye nokumiswa kwempahla kazwelonke, yathi igunyaza ukusetshenziswa kwamandla okubuyisela uBazoum esikhundleni sakhe, osavalelwe esigodlweni sakhe.

Kepha izikhulu zamazwe angomakhelwane nazo ezingumbutho iBurkina Faso, iMali kanye neGuinea zonke zizwakalise ukweseka abaholi bokuketula umbuso ngoMsombuluko.

“IMali neBurkina Faso baxwayisa ngokuthi noma yikuphi ukungenelela kwamasosha eNiger kuzothathwa njengesimemezelo sempi ngokumelene neBurkina Faso neMali,” kusho isitatimende esihlanganyelwe esifundwe emisakazweni yamazwe womabili.

Lohulumeni wombutho eNiger ngoMsombuluko ubophe ungqongqoshe wezezimayini kahulumeni, inhloko yeqembu elibusayo kanye nongqongqoshe kawoyela, phakathi kwabanye. Khonamanjalo, isikhulu saseMelika ngoMsombuluko sithe ukuketulwa kombuso akuzange kube yimpumelelo futhi lisekhona ithuba lokubuyisela uBazoum esikhundleni. IFrance neJalimane awananelile lawo mazwi.

Amafulegi aseRussia

Ukuketulwa umbuso kwangoLwesithathu olwedlule kuphakamise ukwesabela ukuphepha kwesifunda saseSahel. INiger ingumkhiqizi wesikhombisa ngobukhulu emhlabeni we-uranium, insimbi enemisebe esetshenziswa kabanzi ukwenza amandla enuzi nokwelapha umdlavuza.

I-United States, umbusi wangaphambili wamakoloni, iFrance namanye amazwe aseNtshonalanga zinamasosha eNiger futhi abesebenzisana nohulumeni ukunqoba impi yama-Islamist yamaqembu axhumene ne-Islamic State kanye ne-al Qaeda.

Kodwa ukuhlaselwa kwezakhamuzi namasosha kuyaqhubeka, kudala ukunganeliseki futhi kuthikameza ubuhlobo nemibuso yaseNtshonalanga.

See Also

Kube nokuketulwa kwemibuso kane (4) emazweni angomakhelwane iMali kanye neBurkina Faso phakathi neminyaka emibili edlule, konke okufike phakathi nokukhungatheka mayelana nokungavikeleki okukhulayo. Womabili la mazwe aphenduke abheka eRussia njengomlingani.

Abaholi abaketulwa umbuso, ababize uGeneral Abdourahamane Tiani, owayeyinhloko yonogada bakamengameli, njengenhloko yezwe, bathi baketule uBazoum ngenxa yokungaphatheki kahle kanye nokungeneliseki ngendlela abhekane ngayo nosongo lwama-Islam.

NgeSonto, abalandeli be-junta bashise amafulegi aseFrance bahlasela nehhovisi lenxusa laseFrance enhlokodolobha yaseNiger, iNiamey, nokwenze amaphoyisa adubula ngamabhomu esisi esikhalisa izinyembezi.

UYevgeny Prigozhin, inhloko yeqembu laseRussia iWagner Mercenary, ngesonto eledlule wamukele ukuketulwa kombuso eNiger, wathi amasosha akhe akhona ukuze abuyisele ukuthula. IKremlin ithe ngoMsombuluko isimo eNiger “siyimbangela yokukhathazeka okukhulu” futhi yacela ukuthi kubuyelwe ngokushesha kumthethosisekelo.

Scroll To Top