Now Reading
Zizodla ekhaya kuNomvelo ozoqhatha u”The Rock” Mchunu 
Dark Light

Zizodla ekhaya kuNomvelo ozoqhatha u”The Rock” Mchunu 

Ligcine lifezekile iphupho likaNomvelo Magcaba-Shezi lokuqhatha umzala wakhe uThabiso “The Rock” Mchunu.  UNomvelo weMvelo Boxing Promotions  udalule lokhu esigcawini sabezindaba eLiberty Midlands Mall, eMgungundlovu ngoLwesithathu. 

“Kwakuyisifiso sami ukuthi ngiqhathe abashayisibhakela baKwaZulu-Natal abahlonishwayo, ngikwenzile nyakenye ngiqhatha uMthalane (Moruti), manje ngizoqhatha uPrince Dlomo. Ngiyathandaza ukuthi nangoZibandlela ngikwazi ukuqhatha uThabiso engikholelwa ukuthi kobe ngibambe ufishi omkhulu. Sengikhulumile naye wavuma, sekushoda ngikhulume nethimba lakhe labaqeqeshi” kusho uNomvelo.  

Lempi kaMchunu izokuba mhla lulunye kuZibandlela, kungenzeka ibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Kungenzeka alwe empini ye-WBC Silver noma eye-IBO.  IMvelo Boxing Promotions izoqhatha izimpi eziseqophelweni eliphezulu, namuhla ngoLwesihlanu kusukela ngehora lesi-6 kusihlwa eCity Hall eMgungundlovu. 

Impi yosuku ebhekwe kakhulu ngekaPrince “The Demon” Dlomo ozobe evikela ibhande likazwelonke leJunior Welterweight  kuMarcus “King Labamba” Lebogo.  Bese kuphele isikhathi eside abalandeli besibhakela belindele lempi. Ize ihlelwa nje, indaba yasuka ngoMandulo wezi-2021, uLebogo waseThembisa, eGauteng, eshaya uSibonelo Ndzimande waKwaZulu-Natal kweyesicoco se-ABU Junior Welterweight eyayihlelwe iyo iMvelo Boxing  Promotions.  uDlomo owayethamele le mpi, wadinwa wathelwa ngamanzi. Wangena eringini wase efaka inselelo kuLebogo. Wathi uLebogo akeze nebhande lakhe le-ABU yena uzofaka esitikini elakhe likazwelonke leJunior Welterweight. 

“Abalandeli besibhakela ngiyafisa bephume ngobuningi ngoba bazobona into yamehlo. SiyiMvelo masiqhatha senza isiqiniseko ukuthi siqhatha izimpi eziseqophelweni eliphezulu. Ngibonga uSABC ozosakaza bukhoma lezi zimpi, iBoxing South Africa (BSA), iMi7 Nation Group noMnyango wezeMidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal” kusho uNomvelo. Impi kaDlomo noLebogo izobhulelwa amazolo ekaNjabulo Buthelezi ozovikela ibhande leKZN Flyweight kuNkosingiphile Sibisi. ElaboHlanga likhulume noDlomo noLebogo abathembise ukuthi abantu bazobona isibhakela esiseqophelweni eliphezulu.

Dlomo:

“Namuhla abantu bazobona uPrince Dlomo ohlukile. Ngibe nesikhathi esanele sokulungiselela le mpi. Ngiyamdabukela uMarcus. Kuzomele azibambe ziqine. Kuzoba kuye, uma ejime kahle sizofikisana emzuliswanweni wokugcina. Uma entekenteke uzobheka phezulu emizuliswaneni yokuqala. Ngiyathembisa ngeke ngibaphoxe abantu baKwaZulu-Natal ibhande lizoqhubeka lisale lapha esifundazweni. Ngiyabonga kwiMvelo Boxing Promotions ngokunginika ithuba” kusho uDlomo.

UDlomo waseTaylors, KwaGijima khona eMgungundlovu, useqeqeshwa uSamsom ” Xamukavinjelwa” Ndlovu. Ulaxaze uCharity Mukondeleli. 

Kuzobe kungokwesine evikela isicoco sebhande lakuleli le Junior Welterweight. Uza kulempi nje wakhala ngaphansi ngoNdasa eRussia ehlulwa uKhariton Agrba.

Lebogo:

“Ngiphuma esikhathini esinzima kakhulu lapho bengijima ngokuzikhandla kodwa ngingayitholi impi. Kungathi ngiyaphupha njengoba ngizothola ithuba lokuphuca uDlomo leli bhande. Ngibonga kakhulu kwiMvelo Boxing Promotions. Ngeke ngivume ukuthi uDlomo ame endleleni yami” kusho uLesego obelokhu esho ukuthi uzobuyela eGoli engumpetha. 

UDamian Durandt oqeqesha uLesego uthe uma ehlulwa kuzomele asiyeke isibhakela. 

Sezizonke izimpi ziqhathwe kanje:

See Also

Njabulo Buthelezi vs Nkosingiphile Sibisi (KZN Flyweight, 10 Rounds)

Sithembiso Maduna vs Itumeleng Tsholo(Featherweight, 6 Rounds)

Sabelo Cebekhulu vs Layton Gloss (Bantamweight, 6 Rounds)

Nomusa Ngema vs Adidya Mimu (Bantamweight, 6 Rounds)

Ntethelelo Magcaba vs Nkosinathi Kunene (Bantamweight, 4 Rounds)

Lungelo Khumalo vs Carl van Blek (Featherweight, 4 Rounds). 

Scroll To Top