Now Reading
U-Akpeyi uzoqhubeka nokundiza ezintini zeZinyoni
Dark Light

U-Akpeyi uzoqhubeka nokundiza ezintini zeZinyoni

Amaqembu agijima kuPremier Soccer League (PSL) ayaqhubeka nokuqinisa izikwati zawo ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha. ElaboHlanga likulethela zona njengoba zinjalo kule ngosi ebheka izindaba zokuhwebelana ngabadlali kwamaqembu ePSL.

Xola Mlambo:

Ukhonjwa kuRoyal AM nakuPolokwane City umdlali wasesiswini uXola Mlambo osanda kuhlukana neTS Galaxy FC. Emavikini adlule elaboHlanga libike ukuthi uMlambo usehlukene neGalaxy. Kuvela ukuthi ubengeneme ngempatho kuleli qembu okuholele ekutheni acele iphepha lakhe. IRoyal AM isiziqalile izingxoxo nalo mdlali oke wayibamba ku-Orlando Pirates kumasizini amathathu adlule.

Yanga Baliso:

Ayaqhubeka nokuthungatha umdlali ozovala isikhala sikaMakhehleni Makuala oshiye imbobo kuMaZulu ngesikhathi ejoyina i-Orlando Pirates ngoMasingana. 

ElaboHlanga lihoshe ngemithombo yalo ethembekile ukuthi AmaZulu azohlola umdlali obuya phesheya kwezilwandle uYanga Baliso. Le njini yomdlali odabuka eKapa ubegijima eFinland. Wenqamule inkontileka yakhe ne-AC Oulu. UBaliso udlale eFinland amasizini amane. Uzoqala ukuzilolonga noSuthu ngoMsombuluko. Uzohlala eThekwini isonto lonke ngaphambi kokuthi abaqeqeshi bathathe isinqumo ngekusasa lakhe.

Ntsako Makhubela:

Kubhekwe ukuthi asayine maduze neSwallows FC umdlali ochithwe yi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini, uNtsako Makhubela.

ElaboHlanga lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi izingxoxo sezikuvuthondaba phakathi kukaMakhubela neSwallows. Njengamanje uMakhubela uzicija neSwallows kulandela ukushiya kweZimnyama. Umqeqeshi omusha weSwallows, uSteve Komphela uyazifela ngoMakhubela. Basebenze ndawonye kuLamontville Golden Arrows. UKomphela usanda kusayinisa u-Andile Jali noDumsani Zuma bobabili ake asebenza nabo kuMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ngokwehlukana.

Tshegofatso Mabasa:

Ugaqelwe yiMoroka Swallows, Polokwane City, AmaZulu neRoyal AM umgadli oshaye inqwaba yamagoli kuCosafa Cup, uTshegofatso Mabasa.

Njengamanje uMabasa usanenkontileka yonyaka ne-Orlando Pirates. Akekho ezinhlelweni zeqembu zangesizini ezayo.

Ngesizini edlule ubebolekiswe kuSekhukhune United. KuCosafa Cup ushaye amagoli amathathu asize iBafana Bafana yaqeda endaweni yesithathu kulo mqhudelwano obudlalelwa eThekwini.

See Also

ElaboHlanga lithole izindaba zokuthi uMabasa uyinyama emaqenjini agijima kuPSL.

IPirates kulindeleke ukuthi ithathe isinqumo sokuthi iyayinqamula inkontileka yakhe noma izomphinde imvumele abolekiswe yini kule sizini ezoqala.

Daniel Akpeyi:

ISwallows FC isithathe isinqumo sokuthi ayizimisele ngokudedela uDaniel Akpeyi obefunwa uthuli AmaZulu FC.

ElaboHlanga lubike ngodaba luka-Akpeyi ngeviki eledlule. Ezakamuva zithi u-Akpeyi uzohlala kuSwallows.

IZinyoni kubhekwe ukuthi zimnyusele iholo lakhe. USteve Komphela ocija iqembu ushaye phansi ngonyawo wathi akazimisele ukudedela lo mdlali.

Scroll To Top