Ngabe u-R350 uzoba ngumalamulela kuKhongolose okhethweni?
Njengoba ngonyaka ozayo sibheke okhethweni lukazwelonke namaqembu amasha ethulwa zinsuku zaphuma eNingizimu Afrika kepha injolozela iseqenjini elibusayo uKhongolose ekutheni lizokwazi yini ukubuyela esandleni.
Ukukhuluma ezingeni eliphezulu sekuvele kuqalile okuyizinkomba zokuthi amaqembu angagcina ebusa ngokubambisana ngoba akucaci ukuthi ikhona inkunzi ezobusa esibayeni sayo. Uma kuya ngemiphumela elokhu ibonakala lapho kusuke kunokhetho lokuchibiyela khona, i-African National Congress idonsa kanzima. Kuze kube yimanje kubonakala kukuningi okungama endleleni kaKhongolose yokubusa ngokuzimela ngaphandle kokunxenxa ukubambisana namanye amaqembu.
Okuseqhulwini indaba kagesi enomxhantela ezintweni eziningi. Ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ethatha izintambo zokuhola izwe ngowe-2018 emuva kokwesula kukaNxamalala, wathembisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi inkinga yokunqanyulwa kukagesi yabe isizoba umlando ngaphansi kobuholi bakhe. Sekungumlando ukuthi emuva kweminyaka emihlanu kusakhalwa esifanayo. Izinga lokungasebenzi kwabantu ngenye yezinto eyenza uKhongolose uhlehlelwe zikhuni. Ubugebengu obudla lubi ezweni ngenye yezinto futhi ebonakala yenza abantu babe manqika ngokunikeza uKhongolose ivoti labo.
Leli qembu laphinde lazidalela isigcwagcwa kubantu ngesikhathi soKhuvethe lapho kwaqhuma khona inkohlakalo yokuthengwa kwempahla yokuvikela lolu bhubhane. Umuzwa okhona kubantu kuyinamuhla ukungathembi kukaKhongolose. Abantu bathi ngesikhathi bona bevalelwe ezindlini, izikhulu zikahulumeni nezihlobo zazo babezicebisa.
Yize uKhongolose uzama ukwenza ngakho konke ukuphuma kulolu bishi obhajwe kulo, kepha isikhathi sesidliwe yinja kwazise ukhetho luzobanjwa ngesigamu sesibili sonyaka ozayo. Ukukhuluma ngaphakathi eqenjini kuthi okungasindisa iqembu ukuqhubekezela phambili ukuholela abangasebenzi u-R350. Lesi sibonelo esaqala ukukhokhelwa abantu ngesikhathi soKhuvethe kubhekeke ukuba sivalwe ngoNhlaba wezi-2024.
Ukukhuluma kuthi okungenani kumele ukuholelwa kwabantu kuqhubeke kuze kube iminyaka emibili ezayo. Uhulumeni kuthiwa uhlela ukwenza lokhu kuze kube siyatholakala isixazululo sangunaphakade sokulekelela abantu abangasebenzi. Emuva komhlangano wangeledlule kaKhongolose, kuvele ukuthi uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi uhlela ukunxenxa iKhabhinethi ukuba yelule isikhathi sesibonelelo ngeminyaka emibili.
Ngokusho kukaNgqongaoshe walo Mnyango uNks uLindiwe Zulu, basabheka izindlela abangenza ngazo ukuze baqhubeke nokuholela abantu abadonsa kanzima. Kubantu abahola lesi sibonelelo uma lokhu kuphumelela kuyoba izindaba ezithokozisayo, kepha umbuzo omkhulu ngothi ngabe bayombonga yini uKhongolose ngokuthi bawuvotele. Kukhona abathui ukushintshwa kwemithetho ehambisana nokufaka izicelo kwenze kwaba neningi elisala ngaphandle, phambilini ebelihola.