Impukane ibuyele kwandawo kuJub Jub
Lishone elayizolo esezinikele emaphoyiseni uMolemo Maarohanyane owaziwa ngelika “Jub Jub” kwezikaqedisizungu owazakhela igama ngokuba ngumculi weHip Hợp eminyakeni edlule. Muva nje ulubuyisile udumo lwakhe ngohlelo olushisa izikhotha lwethelevishini lokuvundulula izithandani ezisuke zingaziphethe kahle ebudlalwaneni olwaziwa ngokuthi Uyajola 99 olusakazwa esuteshini esikhokhelwayo iMoja Love.
Isikhulumi samaphoyisa eGauteng uLt-Col Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi lo saziwayo osezakhele igama kulokhu hlelo uvelile enkantolo khona izolo ngecala lokudlwengula, ukuzama ukubulala nelokushaya. Uzinikele esiteshini samaphoyisa eBrixton emini bebade zabe seziyamkhalela. Ube eseyadedelwa ngebheyili yezinkulungwane eziyishumi.
Lo saziwayo sekungokwesibili ezithola ephambana nomthetho njengoba wake waboshelwa ukubulala ngokungenhloso nomngani wakhe uThemba Tshabalala eminyakeni edlule. Ekuqaleni babelahlwe icala lokubulala elabuye lashintshwa kwaba ngelokubulala ngokungenhloso. Kuleli cala babulala izingane ezine zesikole ngesikhathi ngesikhathi bencintisana ngejubane ngezimoto emgwaqeni. Babegwetshwe iminyaka engama-20 ngoMfumfu wezi-2012.
