Now Reading
Umthetho Wesintu akumele wehlelwe isithunzi
Dark Light

Umthetho Wesintu akumele wehlelwe isithunzi

Esigabeni sokuqala sizokhuluma ngomthetho wesintu nokubaluleka kwawo, kuthi kwesesibili sikhulume ngoBuholi Bomdabu sigxile esizweni samaZulu. Umthetho owaziwa ngeRecognition of Customary Marriages Act 120 we-1998 uchaza umthetho wesintu njengomkhuba owawusetshenziswa kakhulu aboHlanga eNingizimu Afrika futhi okwabe kuyingxenye yesiko lalabo bantu.

Umthetho Wesintu akumele ukuba wehlelwe isithunzi kepha kumele uthuthukiswe ukuze uhambisane nesimo soMthethosisekelo futhi ube yingxenye ebalulekile yomthetho wesizwe. INkantolo yoMthethosisekelo ecaleni lenkampani i-Alexkor Ltd neRichtersveld Community nabanye langowezi-2013, iNkantolo iqhakambisa umthetho weMdabu njengobalulekile emthethweni wesintu.

Ngalokhu ibalula ukuthi yomibili imithetho yesintu nomthetho obizwa ngecommon law kumele ibe nokuhambisana noMthethosisekelo.Ecaleni le-African Dawn Property Finance 2 (Pty) Ltd neDreams Travel and Tour CC nabanye iNkantolo Yezokwedluliswa Kwamacala yanquma ukuthi umthetho icommon law amandla ayo ancike kakhulu kuMthethosisekelo. Ngakho-ke ukuze uthathwe njengosemthethweni futhi osebenzayo kumele uhambisane noMthethosisekelo. Umthetho wesintu usiza ekutheni unyuse isithunzi somuntu nokubuyisana kwezizwe, futhi ubuye ubhekelele nenkululeko yezamasiko. Uhlelo lwezobulungiswa olubizwa ngerestorative justice lapho kubhekelelwa ukuhlunyeleliswa kwezimilo kwabenzi bobubi uhlelo okukhulunywa ngalo emoyeni olubheka ubugebengu nokwenza okubi kubhekane nomuntu oyedwa kunokuba kubhekane noMbuso. Lolu hlelo lwezobulungiswa lugxile kakhulu ekutheni owenze okubi nguye othwala amacala akhe. Lolu hlelo lukwazi ukufinyelela kwizinjongo zalo ngokuvumela abenzi bobubi, abahlukumezekile, imindeni yabo nomphakathi bankankanye ngalokho okube umphumela womenzi wobubi.

Lolu hlelo lwezobulungiswa ngaleyo ndlela akusho ukuthi lubeka eceleni ukujeza kolowo owenze okubi kepha luqhakambisa ukuthi akube nokubuyisana nokuvimbela ukuthi isimo esifanayo siphinde senzeke esikhathini esizayo. UMthetho Wesintu nawo ugcina usugcizelela ukubuyisana kunokuba kujeziswe futhi kube nobumbano kubantu. Lo mthetho ukahle nasezindaweni zasemakhaya ekuxazululeni izingxabano nomsindo uMthetho Wesintu kulula nokuthi abantu bakwazi ukuthola ulwazi ngawo ngisho bengayanga ezikoleni, nabantu abebecindezelekile, abasezindaweni zasemakhaya, nalabo abampofu abebeshiywe ngaphandle kwezinye izinto.

Ukusetshenziswa kwaloMthetho

Uma inkantolo ifuna ukusebenzisa uMthetho Wesintu kumele iqaphele ukuthi isebenzisa isiga noma isigameko okanye isiko elingaqhelelene nalo mthetho nenqubo yomphakathi nobulungiswa obujwayelekile kanjalo noMqulu Wamalungelo Abantu.

Isigaba 54A soMthetho iMagistrate Courts we-1944 unika ithuba lokwazisa nokusebenzisa uMthetho Wesintu yinkantolo yemantshi lapho zombili izinhlangothi kungezaboHlanga inqobo nje uma umthetho wesintu ungenakho ukucwasa okungemukelekile enqubeni yomphakathi nasebulungisweni obusebenza esizweni.

See Also

UBuholi Bomdabu

Abaholi bomdabu bangachazwa ngokoMthetho Wesintu namasiko njengababambe izikhundla zokuphatha futhi ezibanika amandla ezizweni zabo. Lezo zizwe esifundazweni KwaZulu-Natal kungaba eziyingxenye yesizwe samaZulu.

Ngaphandle kwezikhundla zezinduna, isikhundla soBukhosi ngesoselwa. Ukuze umuntu abe yiNkosi kusuke kusuka ozalweni kusuka kubaba kuya endodaneni, futhi iNkosi ayiqokwa kodwa iyazalwa. Umuntu okhethwayo ngowesifazane ozozala loyo ozoba yinkosi. Isizwe samaZulu sasungulwa iNgonyama uShaka ngowe-1816 emuva kancane kokukhothama kukaSenzangakhona kaJama. Ngesikhathi uShaka esekhotheme ngowe-1828, kwathatha uDingane njengeNkosi yamaZulu. Emuva kokukhothama kukaDingane ngowe-1838 kwangena uMpande ngowe-1840. Emuva kukaMpande indodana yakhe uCetshwayo yiyona eyathatha uBukhosi ngowe-1872.

  • UMehluleli uMjabuliseni Isaac Madondo oyiPhini likaMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal nongumbhali wencwadi ethiThe Role of Traditional Courts in the Justice System.
  • Usicilelo lokuqala kusizindalwembu lube ngezi 25 KuMandulo 2021
Scroll To Top