Ukucimela nokuncama imikhosi eyandulela ukwenda


Emva komkhosi wabayeni, umakoti uyaphuma eya ezihlotsheni zakhe, eseyozibika ukuthi uyahamba useyavalelisa
EMPELENI usuke esezocimela, okusho ukuthi kusuke sekwesweleke ukuba akhungwe ngezipho zokumvalelisa. Kucinyelwa kanjena: Okokuqala ngqa, intombazane icimela ekhayakonina, kumalume wayo. Iya kuyena njena ihamba nempelesi, okuyiyona engumkhulumeli wakhe, ngoba yena akakhulumi lutho. Okungumgomo ukuba lapha kwamalume wakhe afike alale, ukuze ahlatshiswe imbuzi, abuye nenyongo. Uma oninalume bakhe bephana, bangamhlabisa bonke izimbuzi, bese ecela kubo ukuba azifuye, kokunye azisise kubo, bese bemshayela uphawu. Oninalumekazi bona bamcimelisa ngamavovo, ngamacansi encema nawekhwani, ngezinkamba, ngezicephu, nangokuninginingi okuyizipho. Angaqeda ekhayakonina usezobuyela ekhaya, aqale kwayise omncane, nakhona futhi kweswelekile ukuba alale ngoba nakhona uyahlatshiswa. Nakwayisekazi ngokunjalo. Bonke omakhelwana bamlindele ukuba acimele kubo, kepha uma eswele isikhathi bona sebokuletha esegonqile. Phela kufuneka buyagaywa nje utshwala yena usesemgonqeni, ngoba kuthiwa uma esalokhu eshaluza, lokho kwenza izulu likhwishe, udwendwe lungabiluhle. Bonke laba abamcimelisayo, bamnika izeluleko zokuphatha kahle umendo, ngokuqinisela nangokubekezela. Empeleni bamgqisha ngalezi zeluleko aze azace imbala, kuthi ingani isoka ubelithanda, ezwe engasawufuni kwalowo mendo. Akulula ukushiya umuzi wakwenu, ungasekuphinde ube ngowakhona futhi. Okunye okufuneka kuphethwe bungakagaywa utshwala, ukulandwa kwezinkomo. Empeleni aliphumi elokugaya zingakalandwa. Zilethwa umkhongi, afike aphiwe utshwala bese evalelisa. Zinele zingene nje, bese ebuyela emgonqweni umakoti, useyoze asine. Emgonqweni lapha uhlaliswe izintombi eziyintanga yakhe. Uyise naye uyamkhunga umntanakhe ngezimbuzi. Izinyongo sezigcwele ikhanda, umnumzane ukhombisa ukusutha kwakhe nokumthanda umntanakhe. Isikhathi esinesisindo impela lesi. Bonke sebezwa ubunzima bokwehlukana.
Kuthi lapho izinsuku zokusina kwakhe umntwana sezisondele, ahlaliswe omakoti nonina lapha emgonqweni. Ngale nkathi-ke usuke esebanjiswe insika yakwabo, ephakathi nendawo, kuthiwa uzothola kuyo amandla okubhekana nekusasa. Onozwela uqala ngaso leso sikhathi ukukhala. Belokhu bemeluleke njalo onina ukuba aze aziphathe kahle emendweni. Ngaso lesi sikhathi usuke esekhethiwe nozomupha ukudla, noyohamba naye ayomupha naphambili ngesikhathi esina. Kothi mhla sekuvovwa utshwala ngapha kwamakoti bese iwa inkomo yokuncama umntwana.
Ngaphambi kokuhlatshwa kwenkomo, kubikwa kuqala kwabaphansi ngembuzi. Iyona ecelela umntwana indlela nenkambo enhle, nomendo omuhle. Inkomo isizohlinzwa iphele kodwa izodliwa ngelanga elilandelayo, Izinduna zenkosi ziyaphelela njengoba zisuke zimenyiwe futhi zacelwa ukubheka udwendwe. Ngelanga lelo lomncamo, amakhosikazi akhethiwe ukuba ayosinisa umntwana aphuma nokudla kwakhe ayomlungisela isikhundla, phela ngeke akudle ukudla kwasemzini ngelanga lodwendwe. Isitho azosidla phambili esiphethwe ilamakhosikazi, insonyama nomhlubulo wenkomo leyo yakhe yokuncama.
Kuthi ingakadliwa inyama yomncamo, kufike umkhongi eselande udwendwe. Ufika nezinhlamvu noma amaqanda obuhlalu, sekwaba imali. Ungena ngobushinga athi gelekeqe uhlamvu bese ethi: “Ngithi aluphume udwendwe!” Umemeza kuyo le ndlu enomntwana. Usezongena-ke ahlale ngasemnyango ahlaliswe ocansini oluyisikhwabukhwabana olwedelelekile. Usezonikwa inyama yakhe yensonyama esikwe kuyo leya yomntwana. Uyidla njena uyajeqeza, ngoba izintombi zingahle zingene khona manje zimthele ngobulongwe. Lokhu kwenziwa njena kukhonjiswa ukubonga ukuthi yebo umsebenzi usayaphetheka kungazange konakale lutho. Yikho lokhu benza sengathi bayona manje kanti aboni, bayabonga ukuthi akuzange konakale. Amaqanda lawo obuhlalu noma emfibinga, kuthathwa umakoti. Banele bamthele ngobulongwe umkhongi aphume agelekeqeke ngoba phela usuke elindele. Uyobuyiswa esesesangweni, kuthiwe akalande ucansi lwakhe, nempela naye abuye ngoba lolu cansi olokulanda udwendwe ngaphandle kwalo akunalo iqiniso emzini ukuthi ngempela usigozolo ululandile udwendwe. Ngaso lesi sikhathi izintombi ziyamvimbezela futhi umkhongi zithi akathwale umgodla kamakoti. Umkhongi usezokwenqaba ukuthwala umgodla, ahambe nocansi lwakhe kuphela.
Sekuzophiwa abantu ukudla notshwala, bese kuthi ukuthambama kwelanga, uyise womntwana angene esezomembathisa. Phezu kwesidwaba uzozibopha ngamaxhama amabili, kanti futhi naye uyise uzibophe ngexhama ukukhombisa ukuthi ulusizi ngokwehlukana nomntanakhe. Yilona futhi leli langa lapho umntwana ezofakwa iminyakanya, ihlangane nezinyongo esezigcwele ekhanda. Ngaphandle sebengangezinkumbi abantu abazobona ukukhishwa komntwana, izinsizwa ziyahuba. Umntwana usezobanjwa uyise ngengalo, eyomkhipha ngomnyango, kulandela intombi ethwele umgodla. Bazonele bathi thushu emnyango bangungwe amahele abasithe ngamahawu ngoba ngesiZulu akufuneki umntwana abonwe abantu esekhishwa. Kungalesi sikhathi lapho sekuzohutshwa khona ihubo lozalo lolo. Kuzohanjwa njalo ngesinono kuyiwe esibayeni, ilandela ngemuva kwakhe intombi ethwele umgodla, kuthi emva kwayo kube izixuku zabantu nabahlobo. Lapho umntwana akasakhali useze waba micinjana, usephuziswe amanzi akwabe kusaziwa. Onina bayamduduza, ngisho noyise imbala bamtshela ukuthi lokhu imvelo nakubani kwakunjalo. Bazothi bangafika enhla nesibaya uyise ambike kwabangasekho ukuthi umntanabo useyaphuma uyobaphembela isihlobo ekuthini, abanxuse ukuba bahambe naye, naphambili bambheke bamehlisele izinhlahla. Ngaleso sikhathi umgodla wezimpahla zakhe uphambi kwakhe, kuze kube isifakaziso naphambi kwabantu ukuthi yebo ngempela isiyaphuma intombi kabani. Usuzophenduka-ke umthimba uyophuma ngesango, emva kokuba sekugiye ababili noma abathathu abazala le ntokazi. Bazophuma sebehaya isisuso, kuthi ngaphandle komuzi bavalelise laba abadala, kuhambe intsha nezinduna lezo ezibheke abantwana ohambeni lwabo.
- USolwazi uChristian Themba Msimang ungumbhali wencwadi Kusadliwa Ngoludala nezinye eziningi ezikhuluma ngomlando namagugu kaZulu.