U-Elgar akumthenanga amandla ukufuqwa ngebhola abe-India


Ukaputeni wamaProteas emidlalweni yama-Test uDean Elgar usephumele obala ngemfihlo yakhe yokubhekana nokufuqwa ngebhola.
U-Elgar akungatshazwa ukuthi uphume enkundleni amabokoboko ngemuva kokuthi abashwibi belaseNdiya bemfuqe ngebhola umzimba wonke ngesikhathi ebhetha.
Esikhundleni sokuthi aphose ithawula leli nxele likhombise inkani eyisimanga ngoba ize yaphela i-Innings yesibili engazange aphume.
Ukubekezela kwakhe kugcine kuzale impumelelo kumaProteas anqobe ngamawikhethi ayisikhombisa ku-Test yesibili ebise-Imperial Wanderers, eGoli.
Njengamanje iNingizimu Afrika isibambene nelaseNdiya ngo 1-1 kulolu chungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test.
“Ukumela izwe lami yinto engingayithathi kancane. Ukufuqwa ngebhola akuyona into engikhathazayo kodwa iyangikhuthaza. Ukudlalela izwe lami yinto engizigqajayo ngayo. Yingakho ngizimisele ukubhekana nanoma yiziphi izimo ezinzima uma ngigqoke ijezi leqembu lesizwe. Okumqoka kunakho konke kimina wukuthi iqembu linqobe. Ngifuna sidlale indumezulo yekhilikithi. Ngizimisele ngokukhombisa ozakwethu ukuthi ayikho inkinga ngokufuqwa ngebhola uma ngemuva kwezinsuku ezine iqembu lizophumelela,” kusho u-Elgar.
Ngemuva komdlalo wesibili obuseWanderers, u-Elgar igcine eqokwe njengomdlali ovelele kulandela ukushaya ama-run angama-96 emabholeni ali-188 engazange akhishwe.
“Sithwale kanzima kula masizini adlule uma kuziwa ngasekubhetheni. Iningi labadlali abebewumgomgodla weqembu bathathe umhlalaphansi. Njengeqembu besibhekene nenselelo yokuvala lezo zikhala. Sizitshelile ukuthi sizoba nesineke. Kunabadlali esibanike izinselelo zokuvala izikhala ezivuleke kuhamba izinsika zeqembu ezithathe umhlalaphansi,” kucacisa u-Elgar.
Phakathi kwabadlali abathathe umhlalaphansi eminyakeni eyedlule kukhona amagama ezingwazi ezifana noHashim Amla, AB De Villiers, Faf Du Plessis noJP Duminy.
“Ayikho indlela enhle noma embi yokunqoba umdlalo wekhilikithi. Okumqoka wukulandela yonke imigudu efanele ehambisana nezindlela zokuphumelela. Lapha ngikhuluma ngezindlela ezilula zokubhetha nokushwiba. Emdlalweni wokuqala asizange siyilandele imigudu efanele yokubhetha nokushwiba. Kulokho konke lokho sikwenze kahle. Bekungelula ikakhulukazi uma ngikhuluma ngesimo senkundla. Kunesikhathi lapho abashwibi baseNdiya bebesinika inkinga kodwa sakwazi ukumelana nengcindezi abebeyifaka kithina,” kuchaza u-Elgar.
La mazwe asezobhekana kowokugcina kweyama-Test eNewlands Park, eKapa ngoLwesibili.
“Ngabe angibenzi ubulungiswa uma ngingabancomi abashwibi beqembu. Bafake esikhulu isandla empumelelweni yeqembu. Ukuthatha anawikhethi angama-20 emdlalweni wekhilikithi akuyona into encane.” kuphetha u-Elgar.