Now Reading
U-Odinga usaqhubeka nokuhlalisa abaphethe ngesinqe esisodwa
Dark Light

U-Odinga usaqhubeka nokuhlalisa abaphethe ngesinqe esisodwa

Ababhikishi abajikijela amatshe baxabane namaphoyisa emadolobheni aseKenya ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho yesibili esikhathini esingaphansi kwesonto. Umhikisho ugovuzwe umholi weqembu eliphikisayo ongezwa mshini nokunyuswa kwentela.

Amaphoyisa adubule ngesisi esikhalisa unyembezi ukuhlakaza ababhikishi enhlokodolobha iNairobi, eMombasa nakwamanye amadolobha amaningi, ngokusho kwezintatheli zeReuters kanye nezithombe ezisakazwa eziteshini zethelevishini zaseKenya.

“Silapha  ngokuthanda kwethu,” kusho u-Ibrahim Stanley, umbhikishi ohlala emijondolo yaseKibera eNairobi. “Silapha emgwaqeni ngoba sikhathele.”

Izingxabano ezinkulu zenzeke emgwaqeni oxhumanisa iNairobi nesikhumulo sezindiza esikhulu, lapho ababhikishi babasa imililo khona bawisa nothango. Abezimo eziphuthumayo bathe ukukhokhelwa kwemigwaqo kumisiwe eziteshini ezintathu.

Okungenani abantu abayisithupha babulawa ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi kunemibhikisho ephikisana nentela, equkethwe kumthethosivivinywa wezezimali owasayinwa nguMengameli uWilliam Ruto waba umthetho ngenyanga edlule. INkantolo eNkulu yaseKenya iyalele ukuthi kumiswe ukusebenza kwalo mthetho njengoba kusalindwe inselelo yezomthetho, kodwa uhulumeni usewanyusile amanani kaphethiloli ngisho kunjalo.

Umholi weqembu eliphikisayo uRaila Odinga, nocele ukuthi kube nemibhikisho, bekumele akhulume nabalandeli bakhe eNairobi ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu, ngokusho okhulumela leli qembu. U-Odinga uphume endaweni yesibili okhethweni lobumengameli okungokwesihlanu empilweni yakhe, okuhlanganisa nokuhlulwa nguRuto ngonyaka odlule.

See Also

U-Odinga ubehola uchungechunge lwemibhikisho ngasekuqaleni kwalo nyaka ephikisana nezindleko eziphakeme zokuphila kanye nezinsolo zokungalandelwa kwemithetho yokhetho, Lemibhikisho iphinde yaholela kwiziyaluyalu. Lokho kudale ukuthi abaholi bomphakathi baxwayise ngokubuyela odlameni olubhekene nezinhlanga olwake lwahlasela iKenya phambilini.

Uhulumeni kaRuto uthe ukwenyuswa kwentela, okuhlanganisa ukuphindwa kabili kwentela kaphethiloli kanye nokwethulwa kwentela yokuxhasa izindlu, kuzoletha izigidigidi ezingama-200 zeKenyan Shillings ngonyaka futhi okudingekayo ukubhekana nokukhula kokukhokhwa kwezikweletu kanye nokuxhasa izinhlelo ezizodala amathuba emisebenzi.

Iqembu eliphikisayo lithi lesisenzo sizokhuphula amazinga okuhlupheka kwabantu baseKenya ngesikhathi iningi selithwele kanzima ngenxa yentengo ephezulu yezinto ezibalulekile ezifana nempuphu.

Scroll To Top