Now Reading
Kubhekwe isibhakela esiqhwizumentshini 
Dark Light

Kubhekwe isibhakela esiqhwizumentshini 

Kulindeleke ukuthi ishiye abalandeli bengawuvali umlomo impi ephakathi kaMenelisi Ndlovu noMxolisi Sibiya, abazobe bebanga ibhande leBantamweight laKwaZulu-Natal.

Lokho kuvele ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ePinetown Premier Hotel izolo ngoLwesine.

Ngesikhathi labashayisibhakela bebuzwa imibuzo abezindaba ukuthi bazilungiselele kanjani, uSibiya waseZululand ovikela ibhande uvele wathi “Ngizombhonya kabuhlungu” esho uNdlovu waseCato Ridge. 

Lezimpi ziqhathwe iSiyethaba Promotions kaSandile Vilakazi ofike ngomfutho nothando kulo mdlalo wesibhakela.

Impi kaNdlovu noSibiya izobhulwa amazolo eyesicoco esingaphethwe muntu seWorld Boxing Federation (WBF) Junior Welterweight phakathi kukaSanele Msimang wase-Inchanga noLuvuyo Mphuthi wase-Eastern Cape. Lezi zimpi zilindeleke ukuthi zibe ngempelasonto yokuqala kwinyanga yabantu besifazane (uNcwaba) ePortugese Club eMbilo eThekwini.

USibiya osezinze eGoli uthe: “Yebo impela empini edlule salwa umphumela wavuna yena (uNdlovu) kodwa kulokhu ngizombhonya. Angeke alihlwithe ibhande lami. Kulokhu uzongithola ngijime ngokwedlulele. Ngigabe ngokuthi uma sesifika kumzuliswano wesithupha ngizobe sengiqeda ngaye. Ngithathe okungokwami okuyibhande” kusho uSibiya 

UNdlovu, ongavamile ukudla ngengevu kodwa akhulume ngesibhakela eringini, uvele wamamatheka wase ekhipha ezakhe naye. “Lelo bhande lizolala kumina. Wena-nje libambe okokugcina kulezinsuku ezisele. Ngakushaya ekuqaleni okwakungeyona inhlanhla nakulokhu ngizokuphinda futhi”kusho uNdlovu.

Ngesikhathi sekuvele ithuba lokuthi kuthathwe izithombe, bobamabili labashayisibhakela baqhubekile nokuklolodelana, kwachazeka ababehambele lesi sithangami. Bobabili bebetshengisa ukuthi bayahalelana. 

See Also

UMsimang ubonge uphromotha wakhe uVilakazi ngokumzamela ithuba lokuba ingqwele njengoba ngonyaka odlule wehluleka ukuba umpetha wesicoco sikazwelonke se-Lightweight. Washaywa kalula umakadebona uTshifiwa Ätomic Spider Munyai eGoli. Uveze ukuthi uphekwe ngebhodwe elincane umqeqeshi uSizwe “Bhubesi”Mthembu ejimini e-Ethekwini Boxing Gym.

UVilakazi yena uthe: “Angikungabazi ukuthi abathandi besibhakela mhla zinhlanu kuNcwaba bazothamela isibhakela esinenkosi phakathi, abantu abeze ngobuningi babo”kusho uVilakazi.

Uphinde wamema umphakathi ukuthi ufike ngobuningi kulo mqhudelwano awuteketise ngesiqubulo esithi “No Mercy” wathi kungenwa ngama-R50 esangweni.

Sezizonke izimpi ziqhathwe kanje; Sanele Msimang v Luvuyo Mphuthi (WBF Junior welterweight, 10 rounds); Mxolisi Sibiya v Mnelisi Ndlovu (KZN bantamweight, 10 rounds), Mpilo Cele v Musawenkosi Ndwandwe (bantamweight, 6 rounds), Sechaba Zuma v Sanele Ngcobo (bantamweight, 6 rounds), Wendy Gcadu v Emily Kubwalo (super middleweight, 4 rounds), Siyanda Mnyandu v Mthobisi Mthembu (junior bantamweight), Ntokozo Mthonti v Xolani Majola (junior bantamweight, 4 rounds).

Scroll To Top