Inkakha ixwayisa abadlali abasebancane ngekusasa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuyinto eyaziwa ngisho ingane encane ukuthi iningi labadlali bakanobhutshuzwayo bayikha ngamafosholo imali, okubuhlungu ukuthi bancane abayisebenzisa ngendlela. Okuwubufakazi balokho ukuthi umdlali uthi kade ehola imali eningi, bese eyeka unobhutshuzwayo kungapheli isikhathi esingakanani uzwe kuthiwa usedlelwe umuzi nemoto ngoba isiphelile imali.
Lo mhlola akuyona into eyenzeka namhlanje kodwa umkhuba omdala, njengoba iningi labadlali ababehlonishwa bedlala kumaqembu amakhulu ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL) nakuBafana Bafana babasematheni ngakho ukudlelwa izinto okubalwa izimoto nemizi.
Omunye umdlali owake wabasematheni uLerato Chabangu owaduma kuMamelodi Sundowns naseqenjini lesizwe okuyimanje akanazo izinto ezikhombekayo ukuthi ezakhe nabanye abadlali abaningi.
ElaboHlanga libe nengxoxo ekhethekile noSifiso Vilakazi, nalapho axwayise khona abadlali abasakhula nalabo abakhona manje ebholeni elikhokhelwayo ngendlela yokusebenzisa imali.
“Imali into ekhona ebholeni, okushaya abadlali ukuthi abalicabangeli ikusasa benza into yamanje. Bathanda ukusebenzisa imali ngokuthenga izimoto ezibizayo kanye nezimpahla ezinamagama abizayo. Angisho ukuthi akumele bezijabulise kodwa akuthi bekwenza lokho bese beyabheka ukuthi uma kuthiwa umuntu kuyaphela ngaye ngabe kuzobe kukhona yini azokukhomba noma okuzomfakela imali noma engasalidlali ibhola.
“Unobhutshuzwayo akuwona umdlalo ongathi uthembele kuwona, kungenzakala noma yini ungathi unesizini eyodwa kuDStv Premiership uvele ulimale kuphele ngawe. Ngalokho abafethu abancane nabadala ngiyacela ukuthi imali bayisebenzise ngezinto ezibalulekile,” kusho uVilakazi. Uthi okunye okushaya abadlali ukuthi, bancintisana bodwa umuntu engabe esabheka ukuthi uqhamukaphi.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-43, uzakhele udumo kwiPSL egijima ku-Ajax Cape Town, iBidvest Wits, iSundowns naku-AmaZulu FC okuyilapho athatha khona umhlalaphansi. Waduma ngelikaJomo, ngemali kanobhutshuzwayo wangena kwimboni yamatekisi kanti futhi uphinde abe nemfuyo. Utshele elaboHlanga ukuthi akekho ebholeni kakhulu, kodwa unakho ukudlala kuligi eba ngamaSonto eThembisa, eGoli lapho okudlala khona izinkakha.