Umqeqeshi weBafana Bafana unethemba lokuthi bazodlulela phambili koweCosafa Cup
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weBafana Bafana uMorena Ramoreboli uthi kumele nakanjani bewunqobe umdlalo wanamuhla ukuze bedlulele kowandulela owamanqamu eCosafa Cup.
IBafana Bafana namuhla ngoLwesibili izobhekana neSwaziland kowokugcina wamaqoqo kwiCosafa Cup. Lo mdlalo uzoqala ngelesi-6 kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
“Sikwazile ukudlala imidlalo emibili sakwazi ukuthola amaphuzu amane, okuyinto enhle kakhulu leyo. Kumele senze isiqiniseko sokuthi siyawunqoba lo wanamuhla, ukuze siqinisekise ukuthi sidlulela kumzuliswano olandelayo okungowandulela owamanqamu” kusho uRamoreboli.
Elakuleli emdlalweni wokuqala ladlala ngokulingana neNamibia ngegoli elilodwa nhlangothi zombili, ngempelasonto libe seliguqisa iBotswana ngamabili kwelilodwa.
Lo mqeqeshi ubambe esokuqeqesha nje bekumele kube uHelman Mkhalele, kodwa akubanga njalo ngenxa yokungabi nazo iziqu ezifanele zokuhlala ebhentshini.
“Siyabonga kubalandeli abaphuma ngobuningi babo beze bezosiseka, ngingasho ngithi badlala indima enkulu ekuthenini senze kahle. Nanamuhla ukugcwalisa inkundla kuzosilekelela ekutheni sithole amaphuzu agcwele. Isifiso sethu ukunqoba lo mqhudelwano, ukuze lokho kwenzeke kumele sinqobe lo mdlalo” kusho uRamareboli.
Elakuleli kuqoqo A lihlezi phezulu ngamaphuzu amane, iBotswana ne-Eswatini banamphuzu amathathu kuthi iNamibia ibambe ibhuleki ngephuzu elilodwa.
Elakuleli lizothembela kuThabo Cele osekuvela ukuthi maningi amaqembu amgaqele uSibongiseni Mthethwa, uShauna Mogaila u-Iqraam Rayners noRowan Human.
URamoreboli uphinde wavikela uTshegofatso Mabasa, obelokhu ehhahhamezwa abalandeli ngemumva kokugeja amathuba alula.
“Asikhulume iqiniso. Abalandeli baseNingizimu Afrika banjalo. Uma wenza kahle bayakuthanda futhi bayakweseka. Kodwa uma wenza amaphutha bavama ukuphelelwa yisineke, baqale bakusole. Kulindelekile. Sithemba ukuthi uzokwenza kahle esikhathini esilandelayo” kusho uRamoreboli.

