Kuphenywa ukuhlobana ngokungqongqiswa kwamaloli


Uchungechunge lezigameko zokungqongqiswa ngomlilo kwamaloli ngempelasonto kubonakala kungathi yinto ehleliwe okunovalo lokuthi ingabhebhetheka nakweminye imigwaqo emikhulu yezwe.
Emuva kwesikhashana kuthungelwe ngomlilo amaloli ayisithupha emgwaqeni onguthelawayeka uN3 KwaZulu-Natal kuphinde kwaba esifanayo esifundazweni iMpumalanga. Khona mahlanu ashisiwe. Kukhona ukukhuluma okuthi ukushiswa kwamaloli kwakamuva kuseyingxenye yezikhalo zeminyaka zabashayeli nengxenye yomphakathi wakuleli ongenelisekile.
Okukhalwa ngakho kakhulu ukuqashwa kwabantu bangaphandle, nokuxhashazwa kwabashayeli ngokuholelwa kancane ekubeni besebenza amahora amade. Kwenzeka lokhu nje abashayeli basanda kusabisa ngokungenela isiteleka. Babesola izinkampani ngokubalekela ukukhokha zisebenzise abashayeli bangaphandle, iningi labo abasuke bengenazo izimvume zokusebenza eNingizimu Afrika.
Okunye abakusho ukuthi abashayeli bangaphandle basetshenziswa amahora amade akukho nemihlomulo abayitholayo ezinkampanini njengama-medical aid, izindlu nempesheni ngoba abanawo amaphepha aqondile asemthethweni. UMnu uMusa Nombika waseTshelimnyama, odabuka eFafa Mission eSouth Coast oseneminyaka engama-22 eshayela amaloli uthi usesebenzele izinkampani ezimbili ezahlukene. Utshele elaboHlanga ukuthi esikhundleni sokuba impilo yakhe ibe ncono kwenzeka okuphambene. “Thina sifana nabantu ababulewe bephila ngendlela esiphethwe ngayo.
Uma uke waphakamisa ikhanda ukhala ngokuthize abaqashi abalilindi ibhadi bakutshela emehlweni ukuthi iminyango ivuliwe, baningi abantu abalambile la ngaphandle.” Kuzikhalela uNombika. Uthi abashayeli bangaphandle yibo ke ababusayo ngoba le mali thina esikhala ngayo kubona izulu nomhlaba. Uthi ngisho bengena ngezinyunyana abaqashi babatshela ukuthi bazoohelelwa umsebenzi ngoba uhulumeni ungakubo, angeke wakubekezelela ukuvalwa kwezwe ngenxa yabo.
Inhlangano yabashayeli i-All Truck Drivers Forum ithi kuningi okungalungisiwe kulokho osekuneminyaka ikhala ngakho. Ithi okunye osekuqubuke muva nje uhlelo olusetshenziswa abaqashi lokulayisha abangahambisani nalo. Osebuholini kule nhlangano uMnu uMandla Mngomezulu uthi ithimba elaqokwa ukuba licubungule izikhalo zabo bese liza nezisombululo, lehluleke lancama ukuhlanganisa imihlambi eyalanayo izinkinga zisamile.
“Leli thimba elihlanganisa nongqongqoshe akukho nokukodwa eliphumelele ukukwenza, yingakho abashayeli bamaloli bezithola besenkingeni. Okhulumela amaphoyisa uBrig uSelvy Mohlala uthe akakwazi ukudalula imininingwane eminingi kodwa okunye abakuphenyayo ukuthi akukho yini ukuhlobana phakathi kwalezi zehlakalo.