Now Reading
Uyisibani saseMkhonde esikhanyisa umhlaba 
Dark Light

Uyisibani saseMkhonde esikhanyisa umhlaba 

“Intokazi yaseNingizimu Afrika eshaya ngezwi elipholile nohleko olungelinganiswe nalutho ifika kuzwakale uma isingene esiteji noma yikuphi lapho ihambela khona.” 

Labhala kanje iphephandaba elikhulu lase-United Kingdom iTelegraph lichaza umzwilili wakuleli uPretty Yende waseMkhonde.

Le ntokazi esihambele amazwe amaningi ngenxanje yephimbo layo elimtoti yazalwa ziyi-6 kuNdasa we-1985 endaweni eyayibizwa ngePiet Ritief esifundazweni iMpumalanga. 

Emuva kokuphothula ibanga leshumi yabhalisela ukwenza izifundo zomculo eNyuvesi yaseCape Town, yadlulela e-Accademia Teatro alla Scala, yaphinde yaphekwa nasesikhungweni somculo iSouth African School of Music. 

UMaYende usehambele cishe wonke amatheatre amakhulu emhlabeni, okuhlanganisa neRoyal Opera House, iCovent Garden, i-Opéra National de Paris, iMetropolitan Opera, iTeatro alla Scala eMilan, iDeutsche Oper Berlin eGermany,  iStaatsoper Berlin, iBayerische Staatsoper eMunich, i-Opernhaus Zürich and Gran Teatre del Liceu eBarcelona, neVienna Staatsoper. 

See Also

Uma ungeyena umlandeli we-Opera akulula ukwazi izingwazi asesebenzisane nazo kulo mkhakha nokuthi uwaqonde amagalelo akhe, nendlela ahlonishwa ngayo emhlabeni kulo mkhakha. 

Useke washiyelana inkundla nePhiladelphia Orchestra becula izingoma zikaRichard Strauss. Ngaphandle kokucula uphinde alingise. Ikhono lakhe ekuculeni nasekulingiseni esebenzisa iphimbo lakhe kwenza afunwe ngapha nangapha emazweni amaningi. Lokho kudala nokuthi abe yindlala eNingizimu Afrika ngoba akasetshenziswa kakhulu ekhaya. 

Scroll To Top