Now Reading
Usebheke olungaliyo ku-Absa Run Your City eThekwini uJanet
Dark Light

Usebheke olungaliyo ku-Absa Run Your City eThekwini uJanet

Umsubathi owenze ezibukwayo emasontweni edlule egqiba ihlazo lokungenzi kahle kwabagijimi basesifundazweni iKwaZulu -Natal kwiComrades Marathon, uJenet Mbhele uzogijima okokuqala kule mpelasonto.

UJenet odabuka eMzimkhulu uzobe egijima kumjaho owuchungechunge, i-Absa Run Your City Durban 10km. Lo mjaho kulindeleke ukuthi ube ngeSonto, kusukela ngehora lesi-8 ekuseni uzosukela eSuncoast usongwe ngakhona ePramenade. 

Le ntokazi ecijwa uThami Khuboni itshele elaboHlanga ukuthi ayibhekile okukhulu kulo mjaho.

“Umzimba usakhathele kusukela ngagijima iComrades Marathon. Ngijimile kancane okuyinhloso yokuthi ngiqaqe umzimba wami, ukuze ngizokwazi ukugijima ngeSonto. Anginayo ingcindezi engako, ngiyogijima nje anginazo izinhloso zokunqoba ngoba ngisho umzimba usazwela akuyona into  encane ukugijima iComrades Marathon” kusho uJenet.

Nyakenye kuyona i-Absa Run Your City Durban 10km waphuma endaweni ye-12 ngesikhathi esiwu (00:34.14). 

KuComrade  Marathon ebingoNhlangulana uJanet waqeda  ngesikhathi esiwu-(6:27.14). 

Uveze ukuthi wasizwa amazwi kaGerda Steyn ukuze akwazi ukuqeda ebalwa nabali-10 abaqeda ekuqaleni, wathola igolide. Ingqwele kwabesifazabe kwaba nguye uSteyn wePhantane AC ngesikhathi esiwu (5:44.54) nokwaba irekhodi elisha uma kwehliwa.

“Ngesikhathi umjaho sewuzoqala ekuseni eMgungundlovu, ngehlelwa inhlanhla ebengingayilindele. UGerda weza kumina wangitshela ukuthi uyangazi ukuthi nginamandla futhi nginesibindi. Uthe kumele ngibekezele noma sekunzima. Ungicebise ngokuthi ngenze konke engitshelwe kona umqeqeshi. Ngizibuzile ukuthi ngizohlulwa yini uma umuntu omkhulu njengoGerda engithemba?” kusho uJenet. 

See Also

Lo msubathi ngokuba owokuqala wasesifundazweni iKwaZulu-Natal kwabesifazane ukuqeda phambili kulo nyaka, wakonyeliswa ngesamba esiyizinkulungwane ezingama-R60 ukubongwa.

ElaboHlanga ngesikhathi lihambele eMzimkhulu ngeledlule, okunye okuvelile ukuthi uMasipala wakhona eMzimkhulu usazokwenza idili lokuhlonipha yena uJenet. Kanti okunye ukuthi kunesakhiwo esakhiwayo sokudlala esifaka nendawo yokusubatha. 

“Kungijabulise kakhulu ukuthi uMasipala wami uzongihlonipha, lokho kusho lukhulu kumina. Ngokwami kuyajabulisa ukubona ukuthi ngakithi kuzokwakhiwa indawo yokugijima esezingeni. Ukwenza kwami kakhle ngibona kuyikho okuzokhuthaza intsha ukuthi ingene kwezokusubatha. Ngiqala mina ukugijima  kwakunzima kakhulu ngikhula ngijima ngedwa emakhaya bathatha iskhathi kuthi bajwayela intombazane ejimayo bona kuhle ngoba babonela kimi” kusho uJenet. 

Esonga ubonge umqeqeshi wakhe uKhuboni, ikilabhu agijima ngaphansi kwayo iXcel Running Club, abaphathi bezokusubatha esifundazweni iKwaZulu-Natal, abaxhasi bakhe i32Gi. 

Scroll To Top