Ufuna ukuphinda esangonyaka odlule kuDundee July



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


Umpetha wangonyaka odlule kwabesifazane abancane kwiDundee July, uthi akukho okuzomphazamisa ekutheni aphinde anqobe nonyaka.
U-Anotha Buthelezi oneminyaka yobudala eli-12, utshele elaboHlanga lezi zindaba ngesikhathi kuthulwa ngokusemthethweni iDundee July Horse Racing yalo nyaka. Umqhudelwano wakulo nyaka uzoba mhla zili-15 kuNtulikazi, Endumeni Horse-Racing Track.
Ukuthulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano bekuhanjelwe umphathiswa woMnyango wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal uDkt Ntuthuko Mahlaba, iMeya yaseNdumeni uSiyabonga Ndlovu, iMeya yaseMzinyathi uPetros Ngubane, abethuli benqephu nabamodelayo.
“Akukhona ukuthi abanye ozakwethu ngibathatha kancane, kodwa ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi akekho engimbona ezoma endleleli yami yokunqoba. Sengilindele usuku bese ngivikele isicoco sami” kusho u-Anotha.
Le ntokazi ibalule ukuthi yaqala ukugibela amahhashi ineminyaka yobudala emine nje vo.
“Angizisoli ngesinqumo engasithatha, sokuthi ngithande ukugibela amahhashi. Igama lami liyaziwa nje kungenxa yawo lo mdlalo. Okwangenza ngaba nothando lwalo mdlalo ingoba amahhashi akhona ekhaya, ingakho ngaligibela ngisemncane” kubeka u-Anotha ogibela injomane ebizwa ngokuthi Iyinkulumo.
Okunye okuvelile esithangamini sabezindaba obekudalulwa kuso izinhlelo zomjaho walo nyaka, kuvele ukuthi kuzoba nomjaho ozokwaziwa ngoMtelebhelo we-Africa. Kuwo kuzoqhudelana amahhashi asesifundazweni iKwaZulu-Natal nakwamanye amazwe.
Amahhashi azobe eqhamuka esifundazweni iKwaZulu-Natal kukhona uNxakalanxaka ojwayele ukudla imiqhudelwano eminingi, iTrouble Maker no-Album.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMenzi Buthelezi ongusihlalo weKZN Traditional Racing and Breeding Assocition nophinde abe nguyise ka-Anotha. Othe liyamumangaza kwayena ikhono lendodakazi yakhe.
“Wakuthanda emumncane ukugibela amahhashi u-Ona, ikhono lakhe linyuka unyaka nonyaka lokho kuzenza ngiziqhenye kakhulu ngaye. Kubuhlungu nje ngoba kweminye imiqhudelwano akakwazi ukuba yingxenye yayo, ngoba sifuna agxile esikoleni kwazise iyona into esihlezi siyibeka phambili” kusho uButhelezi.
U-Anotha nyakenye ubile yingxenye yomqhudelwano e-Underberg Sisonke Summer Cup waphuma endaweni yesithathu. Uhlezi eyingxenye yemiqhudelwano eyendeka eDundee nalapho asuke eqhudelana nokha nabaselisa.
“Siyaqala manje ukumfundisa ukugibela amahhashi agijima kakhulu, ngeke ehlezi eyingane kumele akhule. Njengoba enamaphupho amakhulu kumele esebenze kanzima. Sifuna ethi ekhula ebe esengaphambili ngakho konke” kusho uButhelezi.
Nonyaka kuvele ukuthi azoba ngama-340 amahhashi azoncintisana, bese kuba ojokhi abangama-500.
Amahhashi azonqoba azocazelana kwisamba sika-R1.5 million.