Now Reading
“UGo man Go” nomyalezo kubadlali abasha beChiefs
Dark Light

“UGo man Go” nomyalezo kubadlali abasha beChiefs

Ingwazi yeKaizer Chiefs uMarks “Go man Go” Maponyane yeluleka izibabuli ezintsha zaMakhosi.

Ekuqaleni kwesonto Izimpofana zimemezele uGiven Msimango, uMduduzi Mdatsane, uPule Mmodi, uDaniel Castillo, uThatayaone Ditlhokwe noRanga Chivariro njengabadlali bayo abasha.

Amakhosi ahlukane noSiyabonga Ngezana oseyodlala phesheya kwezilwandle, u-Eric Mathoho, uPhatu Nange, Alexander Cole no-Austin Dube.

UMaponyane osaphethe irekhodi lokuhlohla amagoli amaningi kuChiefs uhlomise abadlali baMakhosi abasha ngamaqhinga okumele bawasebenzise ukuze baphumelele.

“Engingabaluleka ngakho labadlali abasha wukuthi akumele bazithwese ijoka lokubhacaza kweChiefs kule minyaka eyedlule. Ithuba labo lokubhala umlando kabusha. Kumele babenentshisekelo yokufuna ukushintsha umlando nokuphendula amatafula. Uma ufike waphendula amatafula eqenjini ebelikade lidonsa kanzima kwenza omkhulu umehluko. Ufika kuzwakale ngoba uyohlale ukhunjulwa emlandweni weqembu. Uyobalwa nesizukulwane esaletha impumelelo emlandweni weqembu,” kuchaza uMaponyane.

IChiefs sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili iphikwa yizicoco. Selokhu yagcina ukuphakamisa isicoco ngowezi-2015 ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.

“Bafikela eqenjini elidonsa kanzima uma kukhulunywa ngezicoco. Lokho kumele bakuthathe njengesibusiso. Ukube bebefikela eqenjini elenza kahle bebezoba nengcindezi ephindiwe. Leli yithuba labo lokuzakhela igama. Eminyakeni eyedlule kufike inqwaba yabadlali kodwa umbuzo umile balenzeleni iqembu? Impendulo yakhona ilula. Abenzanga lutho. Ngenxa yalokho kulula ukuthi bakhohlweke emlandweni weqembu,” kubeka uMaponyane. Abalandeli bahleka bodwa ngabadlali abasayiniswe yileli qembu.

“Abalwele ukwenza umehluko ngaphandle kokuzifakela ingcindezi engenasidingo. Basethubeni lokuletha ushintsho. Mina ngiyibuka kanjalo”.

See Also

Ngeledlule iChiefs iphinde yamemezela ukuthi uMolefi Ntseki osezoba ngumqeqeshi bese kuthi u-Arthur Zwane noDillon Sheppard babe ngabasizi bakhe.

“Impumelelo kaNtseki incike kubadlali. Kwesinye isikhathi umqeqeshi angakwenza konke kodwa uma abadlali bengenayo intshisekelo, kunzima ekutheni abaqeqeshi balethe impumelelo. Yingakho kumqoka ekutheni iqembu lithenge abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Buka iChelsea FC. Ithenge inqwaba yabadlali kodwa abazange bayisize ngalutho njengoba isibachitha. Ukuthenga kwesinye isikhathi akuqinisekisi ukuthi iqembu lizothola impumelelo,” kusho uMaponyane.

Izikhulu zeChiefs zigxekwe kakhulu ngesinqumo sokuqasha uNtseki.

“Abadlali kumele balwele uNtseki. Imidlalo emihlanu yokuqala iyona ezosinika isithombe ngaye nokuthi izinto zizohamba kanjani. Uma engaqala kahle ngokuwina imidlalo abalandeli bazoshintsha umqondo. Abalandeli bafuna iqembu eliphumelelayo. Yingakho abadlali kumele balwele enkundleni. Thina sasike sibe nabaqeqeshi abangekho eqophelweni eliphezulu kodwa sigcina siphumelela ngoba uma sasilwa futhi sinabaholi abayishumi nanye. Manje angisakuboni lokho kubadlali bamanje”.

Scroll To Top