Now Reading
Ochayiswe uSuthu kwesokuqeqesha uthi akananxa nalo 
Dark Light

Ochayiswe uSuthu kwesokuqeqesha uthi akananxa nalo 

Akawabambele amagqubu AmaZulu FC  ngokumncisha umsebenzi uLuc Eymael obegaqele isikhundla sokuqeqesha kuleli qembu. U-Eymael ubebanga isikhundla sokuqeqesha noPablo Martin waseSpain ogcine enikwa inkontileka yeminyaka emithathu. Exoxa nelaboHlanga ukubeke kwacaca ukuthi Usuthu akalibambele magqubu.

“Yebo, ngisifakile isicelo somsebenzi kuMaZulu. Ngibe nomhlangano nosihlalo weqembu ngaphambi kokuthi ngifakwe ohlwini lwabaqeqeshi abebenza inhlolokhono. Umhlangano wokuqala ube yimpumelelo. Uthathe amahora amabili. Inhlolokhono nayo ihambe kahle kakhulu,” kubeka u-Eymael exoxa naleli phephandaba eseBelgium.

Lo mqeqeshi uzakhele igama kuFree State Stars edla umhlanganiso kuNedbank Cup. Uke wasebenza nakuBlack Leopards, Polokwane City neBloem Celtic. “Nakanjani ngiphatheke kabi ukuthi umsebenzi ngigcine ngingawutholanga. Ngicabanga ukuthi kuyinto ejwayelekile uma kade unethemba lokuzuza okuthile. Angibambele muntu igqubu ngalokho. Sengibe sebholeni isikhathi eside. Lezi zinto ngiyaziqonda kahle mina. UPablo ngimfisela inhlanhla. AmaZulu nawo ngiwafisela konke okuhle. Impilo iyaqhubeka,” kuchaza u-Eymael. Njengamanje uhlezi ekhaya njengoba kungekho iqembu asayine nalo.

“Kuyisifiso sami ukubuyela eNingizimu Afrika. Iligi yaseNingizimu Afrika yiligi ebalwa nahamba phambili e-Afrika. Indlela ephethwe ngayo isezingeni lamaligi ase-Europe. Amaqembu asebenza ngokuseqophelweni eliphezulu. Umndeni wami nawo ukuthokozele ukuhlala eNingizimu Afrika. Ngizoqhubeka ngifake izicelo uma kuvuleka izikhala,” kusho u-Eymael. Ngeledlule ubemataniswa neRichards Bay FC.

See Also

“Imeneja yami ike yaxhumana neRichards Bay FC. Izingxoxo azizange zihambe ibanga elide. Inkinga kube wukuthi iqembu ngeke likwazi ukunginika imali ebengiyifuna. Angiyena umqeqeshi obizayo ngoba imali ebengiyifuna imali efanayo nengigcine ukuyihola ngisekuFree State Stars ngo-2018. Ngaleso sikhathi nerandi belisenamandla. Njengamanje irandi lehlile kanti nempilo isiyabiza eNingizimu Afrika. Ngakho nami bekumele ngizele into ebonakalayo lapho”. Eminyakeni eyedlule uke wasolwa  ngokucwasa ngokwebala esaqeqesha iYoung Africans yaseTanzania.

“Lezi zinsolo ezingesilona iqiniso zilimoshile igama lami. Ngilahlekelwe yinqwaba yemali nemisebenzi ngenxa yalezi zinsolo ezingesilona iqiniso. Isigcawu esiqondisa izigwegwe ngaphansi kweFifa, iCaf neSafa zingithole ngingenalo icala. Ngitholakale ngimsulwa. NeYanga iyalelwe iFifa ukuthi ingikhokhele isamba esithize semali,” kusho u-Eymael. Eminyakeni eyedlule wake wamataniswa neKaizer Chiefs. “NakuChiefs ngiyifakile i-CV yami ngemuva kokuthi kuvele izinsolo zokuthi bathungatha umqeqeshi. Basitholile isicelo sami kodwa abazange baphendule”.

Scroll To Top