Now Reading
Imidlalo ehlelwa iMeya yaseNkandla ibe yisibusiso esikhulu kuNdima
Dark Light

Imidlalo ehlelwa iMeya yaseNkandla ibe yisibusiso esikhulu kuNdima

Ubonga Inkandla Mayoral Cup ngokuthi imvulele umnyango okade ayefisa ukuthi uvuleke. UNkanyiso Ndima oyibamba phambili ungomunye wabadlali abenze kahle kulo mqhudelwano waminyaka obubanjwe emasontweni edlule. Ukwenza kahle kwakhe kwamenza waqokwa nabadlali abali-20 abahlelelwa ukudlala nePlatinum City Rover kanye  neBaroka FC okungamaqembu agijima kuMotsepe Foundation Championship. IPlatinum City Rovers ibe isimfaka emabhukwini ayo. KwiNkandla Mayoral Cup wavalela phakathi amagoli ayi-6 emidlalweni emithathu, nalapho ayegijima kuLucky Boys eqhamuka ku-Ward 9 ngaphansi kweKhansela uTsepo Ngubane. Emdlalweni wamanqamu bebhekene ne-626 yaku-Ward 7 wavalela phakathi amagoli amathathu.

Ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Ngilibonga kakhulu ithuba engalinikezwa umphathi waseNkandla ukuthi ungiqoke kubadlali abangama-20, abahamba bayodlala namaqembu akuMotsepe Foundation Championship. Namhlanje ngilapho ekade ngangifisa ukuba khona ngennxa  yeNkandla Mayoral Cup. Ngeke ngakhohlwa abadlali beLucky Boys, okuyibo abangenza ngagqama kumqhudelwano sagcina siba ngompetha” kusho uNdima.Lo mgadli osukile phansi uneminyaka yobudala engama-24, udabuka eMpongosi, eNkandla. 

Ubengenaqembu, ubegcine ukudlalela iSmall Tigers okuyiqembu eligijima ku-ABC Motsepe League eFree State.

“Kade ngakulungela ukudlala ebholeni elikhokhelwayo, ithuba selifikile kumele nakanjani ngilibambe ngezandla zombili. Ngeke ngaqamba amanga njengoba ngizilolonga neqembu kuyatshengisa ukuthi isigaba esihlukile lesi, indlela yokuziqeqesha ihlukile. Kodwa konke lokho ekuhambeni kwesikhathi kuzoba yinto engizobe sengiyijwayele” usho kanje. Uthe kuyamkhuthaza ukuthi indawo uzobe eyibanga noLerato Lamola osedlale kuPremier Soccer  League (PSL) isikhathi eside, egijima kuBloemfontein Celtic, iLamontville Golden Arrows neMarumo Gallants. Uphinde washo ngaphandle kokusaba ukuthi uzowavalela phakathi amagoli ali-15, uma ethola ithuba elanele lokudlala.

See Also

Abanye abadlali abathole ithuba uNkululeko Myeni ozama inhlanhla kwiBaroka FC, omakoti beDStv Premiership  iRichards Bay FC bahlabane noLuyanda Shezi kwiMazweni FC yakhona eNkandla. IMeya yaseNkandla uBiyela uthe kuyamthokozisa ukubona intsha ithola inqayizivele yethuba ngenxa yeNkandla Mayoral Cup.

“Into ejabulisayo le eyenzekayo, ngikhuluma nje isikwati salapha eNkandla sidlale neJomo Cosmos silinde uJomo Sono ukuzwa ukuthi bakhona yini abadlali azobathatha. Lo masipala unobudlelwano obuhle nalomakadebona sithemba ukuthi bakhona abadlali azobathatha” kusho uBiyela. Uphinde wabalula ukuthi wabona ukuthi ngeMayoral Cup, intsha yatshengisa uthando kwezamankomane bazozama ukuthi bawuthuthukise lo mdlalo. Bazobiza osomankomane abalwa esigabeni esiphezulu, ukuzodlulisa ulwazi entsheni.

Scroll To Top