Salala sinotho savuka sihlwempu: Nanamuhla akukakholakali sesebuzile
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akekho owabe enesipiliyoni sokubhekana nesimo. Izinhlelo zokushishingisa iNdlondlo
Leli kwabe kulisonto elifana nawo onke amanye. Nokho lwaphela selingumlando kuZulu, iNingizimu Afrika nomhlaba jikelele. Usuku kwabe kunguLwesihlanu mhla zili-12 kuNdasa ngowezi-2021. Ngalolu suku uZulu nomhlaba jikelele bavuka ngezindaba zokuthi iSilwane, iMbube, ISILO uMdlokombana usebuzile. Yize lesi sidumo senzeka ngezintatha kepha kwabikelwa isizwe ngokusemthethweni sekukhanya. Ebikela isizwe uNdunankulu kaZulu, uMntwana wakwaPhindangene wathi: “Ngokukhulu ukudabuka ngibikela isizwe ngokukhothama kweSILO uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, iNkosi yamaZulu. Ngenkathi ISILO sisesibhedlela impilo yaso ivele yayimbi kakhulu okugcine ngokuthi kusanele ISILO ezintathakusa zanamuhla.”
Lezi zindaba zasabalala umhlaba wonke njengoba kwaba nesililo kusuka kubaholi bamazwe, abezenkolo kanye nasemphakathini. KuZulu yabe iyinye into owabe ungangabazi kuyo, okuwukuthi phezu kwemithetho yezwe eyelusa ukunqanda ukusabalala kokhuvethe, ngeke iNgonyama ingaphelezelwa zinkumbi. Lokhu kwenza kwaba nokwesaba nokungaqondi kuHulumeni namaphoyisa ukuthi isimo lesi kwabe kuyobhekwana naso kanjani. Ubuqiniso balokhu bavela ngesikhathi sekumele iNdlondlo isuke esibhedlela iNkosi Albert Luthuli eMkhumbane iye ekhaya kwaNongoma.
Kwathi nje uma kugamanxa ihora leshumi nanye kwabe sekumnyama phandle amabutho ayevela ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe esekhona. Lapha igama labe lilinye nje vo, ukuthi “Ukhozi oluwe lapha yiNkosi yethu ngakho ngeke ihambe yodwa isibuyela ekhaya.” Leli gama lachitha yonke imizamo yamaphoyisa ayekhona ngalelo langa ngenhloso yokuzoqapha isixuku. Okwenzeka kwaba ngumlando njengoba kungabanga kusaba izinsizwa zodwa ezabe sezizolanda Ukhozi lukaMqwalajuba kepha namalungu omphakathi amanye ayeze esibhedlela nazo iziguli imbala zabe seziba yingxenye zikhuleka emawindi nasemabaleni esibhedlela. Lapha ngaphandle kwesibhedlela emarobhothini kwase kume nse ukuhamba kwezimoto isizwe sesiqala ukwanda size lapho kuwe khona iNkosana yaso. Babebodwa abathi bezwe emsakazweni abanye bathi babone ujenge lwezimoto zilethe amabutho.
Kwaba ngesifanayo ngesikhathi ujenge lwezimoto luphikelele eHlalankosi, kwathi nje zingangena eShowe abantu lapha emaceleni omgwaqo sebebonile ukuthi yizo izinqola lezi ezithwele Ongangezwe Lakhe kwakukhuleka kukhulekiwe. Ondini nakhona kwaba ngesifanayo kepha umunyu wabe usuphakama lapho ingena eHlalankosi kwaNongoma. Idolobha labe lithule du kuqhuma u‘Bayede wena weNdlovu’. Abesifazane beguqile amadoda ekhumula izigqoko. Umunyu wabe ubhalwe emehlweni kwabancane nabadala kusobala ukuthi uNongoma ukhungathekile njengoba kwabe kunjalo nase sizweni.
Ezinkundleni zokuxhumana kwabe kumuncu abantu bezinhlanga zonke belila abanye bengakholwa ukuthi nembala selisilahlile. Ngendlela okwabe kuyiyo nowayephuma eceleni njengoba kuhlale kwenzeka kulezi zinkundla wayebuyiswa ngokushesha kungekho ofuna kube khona ongakhuluma noma ajivaze ISILO esebuzile.
Indawo engejwayelekile
Okwabe kusobala ngalolu suku wukuthi uZulu wabe esendaweni angayejwayele. Kwabe kungokokuqala ukuthi ungabi naNkosi njengoba uMdlokombana wabe eseneminyaka ecela emashumini amahlanu eseSihlalweni. Nakuyo iNdlunkulu kwabe kungekho isipiliyoni’sokubhekana nalesi simo, kunjalo nakuwo aMakhosi nezinhlaka zoBukhosi. UMdlokombana njengoba kwabe kunjalo ephakathi kwethu, kwakunjalo namhla esebuzile njengoba umsebenzi wokulondolozwa kwakhe walandelwa ngesizotha zinhlaka zonke zomphakathi. Kukho konke ukukhuluma nokungaboni ngasolinye okukhona, kukhona ukuvumelana eNdlunkulu nasesizweni ukuthi ngokuthi kuMdlokombana sabe sinenqabakutholwa nokuthi webuze wonke umuntu engakalindeli. Kwabanye nanamuhla akukakholakali ukuthi kasekho phakathi kwethu, nokho kukhona ukwamukela ukuthi impilo iyaqhubeka.
Amaphuzu amahlanu ngoMdlokombana
Cishe iminyaka engama-50 eseSihlalweni iNkosi uZwelithini kaBhekuzulu, ISILO, sibe ngesihlale isikhathi eside siseSihlalweni nesombuso omdala. Isizukulwane sendlu yeNgonyama uShaka kaSenzangakhona owahlanganisa abeNguni.
Kwacishe kwaphela iminyaka engamashumi amahlanu (50), eqinisekisa ukuthi iNdlu kaZulu akusona nje isakhiwo semicimbi kodwa futhi iyisakhiwo sezimiso azizolekelela ekusizeni umphakathi ezweni lonke, ukuhlanganisa umphakathi, ifagugu ngamasiko nezidingo zezomnotho,
Njengoba kwakuyimpilo, ukukhothama kweSILO kusahlonishwa namanje ngabantu baso nabomhlaba jikelele. Njengomgcini wenqubosiko nendlelakuphila kwamaZulu, ukusebenza kweSILO bekugcizelela ukuthi inqubosiko ingaba kanjani ngumthombo wobumbano emphakathini nobufakazi obuphathekayo bezimiso ezijwayelekile okuhlanganisa imiphakathi ndawonye kulezi zikhathi eziguqukayo. Wayehlala eziphakamisa izimiso ezingunaphakade eziyisiseko sesifundazwe nesezwe okuyilezi: inqubosiki, inhlonipho, ubuhlakani nentobeko.