IRussia isole i-Ukraine ngolunye uthuthuva


IRussia iphumele obala ngasekuqaleni kwesonto yakhomba ngenjumbane i-Ukraine ngokuhlaselangezomoya eMoscow nasezindaweni ezizungezile okuphazamise ukuhamba kwezindiza.
Okungenani ama-drones amathathu abanjwe esibhakabhakeni endaweni yaseMoscow – okuhlanganisa namabili amakhilomitha angama-30 eningizimu-ntshonalanga ye-Kremlin, kusho izinhlangano zezindaba zaseRussia. I-drone eyodwa itholwe esifundeni esingumakhelwane iKaluga.
Ukufika nokusuka kwamabhanoyi eVnukovo eMoscow kuvinjelwe amahora ambalwa ekuseni ngoLwesibili ngaphambi kokuthi kuqale ukusebenza okujwayelekile ngemuva kwehora lesi-5. Izindiza eziningi ziphambukisiwe lapho zisondela kwezinye izikhumulo zezindiza.
“Umzamo wombuso waseKyiv wokuhlasela indawo lapho kutholakala khona ingqalasizinda yabantu, okuhlanganisa nesikhumulo sezindiza, esibuye sithole izindiza zakwamanye amazwe, kungesinye isenzo sobushokobezi,” kusho okhulumela uMnyango Wezangaphandle eRussia, uMaria Zakharova.
“Umphakathi wamazwe omhlaba kufanele uqaphele ukuthi i-United States, iBrithani, iFrance – amalungu aphelele oMkhandlu Wezokuphepha we-UN axhasa ngezimali umbuso wamaphekula,” kusho uZakharova.
Akukho ukuphawula ngokushesha okwavela eKyiv ngaloludaba. I-Ukraine cishe ayilokothi isho esidlangalaleni ukuthi iqinisekise ukuhlasela ngaphakathi eRussia noma endaweni elawulwa yiRussian e-Ukraine. “Okwamanje sesikwazile ukukuvimba ngombutho wezomoya,” kusho iMeya yaseMoscow uSergei Sobyanin esiteshini sakhe semiyalezo yeTelegram.
“Wonke ama-drones atholakele aseqediwe.” Azikho izisulu ezibikiwe, engeza. I-drone eyodwa idutshulwe endaweni yedolobha i-Kubinka, endaweni engamakhilomitha angama-63 entshonalanga yeMoscow, kubika i-RIA.
Isizinda somoya saseRussia siseduze neKubinka. Kudutshulwe ama-drone amabili ngasesigodini saseValuevo, kubika abezindaba ze-RIA. Idolobhana liqhele ngamakhilomitha angama-30 eningizimu-ntshonalanga ye-Kremlin. Enye yayisesifundeni saseKaluga, esisemngceleni wesifunda saseMoscow.