Umthombo uwumthombo inqobo ukuphethuka kwawo


Umthombo ubonakala usushile ukuthi ububaluleke kangakanani. Iso liyanqindeka, linqundeke ukuyophuza esizikithini sezinzulu zale njula, uma nje usaphethuza uphethuka esiphethwini. Uyoyixhaphaza inxaphanxapha nengabhungabhu umuntu ngobuvamba kanti kusathe ngci. Mhla kwathi nwi, abambe ongezansi.
Amathe nolimi nalokhu ngumbele uma usavele kakhulu uqansile, inkonyane uyithola inonemfu noma igiklize ilibale ukuthi sibekelwa ngaphandle. Esikubona ezilwaneni, kuyasiphundula ukuba sikujikise sikubhekise kithi, kube yisibuko sokuzibuka. Lokho kungasisiza uma singakuthatha sikuqhathanise, ngoba singazibona lapho simabatha khona, simagwegwe khona, simanonkololo khona qede sizame ukuzicwala sicwazimule. Umuntu uma esacwile emafutheni uyakulibala ukuthi ngelinye ilanga qede enze ngokunakekela ngoba ikusasa lingaziwa. Ingane iyayikhohlwe ukuthi uma umbele noma ibele lisaqansile nje kunina, ngelinye ilanga liyosha, noma iyokwelanywa ize ibone ngoba umthombo usushile. Ibe isithi: “Ukube …” Kodwa kube sekusemvakwendaba.
Kuyathokozisa ukuthola izingane ziwubambe zawubambisisa umbele. Zancela zazigemfunga. Nengesigemfunga kube ngumbambo zamnyinya, umbambo zamthinya, ukuba azimthiyanga ngabe yisigemfunga seguqa lesibheva. Adle ngakho nje ukondleka agcwale. Kodwa kuyajabhisa ukuthi uthi umbele uqansile wehinikazi nonondlini, uthole izingane zingazi ngisho ukwazi, zingazi nokuthi lidumephi, zingazi nanyaka zingazi nahlobo. Ngisho unondlini esezisenga, ngisho esekhalime waze washintsha izwi wabhonsa, kungathi diki ngisho inqulu. Uma beze bakhishwa, bayophuma bephukule, bedemelayisa, bezinikina, bechitha izandla, bafike bayikluvuzele phansi, lonke ibele balithululele emqubeni ithunga likhona. Kugcina kubuse amathuku. Ngelinye ilanga kusa ngokunye uma usuthe nqamu lo mbele. Bayaqala ukubalisa ngokusaphaza kwabo, kulapho usushile umthombo.
Lokhu kukhanya kahle ezinganeni ezifike zizalwe ekhaya qede zizanywe ngazo zonke izindlela ukufundiswa, zikhuliswe. Abazali bewe bevuka bezipha isinkwa semihla ngemihla, isinkwa sakusasa kodwa zona ziseqe ngaphezulu. Kwale abazali bezinxusa, beziyala, bezinxenxa, bezigqogqa, beziphushela ekukhanyeni, kube sengathi ziyahlushwa, ziyazondwa ziyolwa zephule izikeyi, zephule amajoka, zinqamule amatilensi, zigqabule zigqunsule amaketango. Lokhu abazali besuke bekwenza ngothando lokuzithanda izingane zabo, bezithandela ikusasa elihle neliqhakazile. Uhlobo olunjalo lwekusasa ludinga ukuhlonyelwa ngezikhali zalo, lezi-ke abazali abasuke bezinikeza abantwababo, benqathuze.
Kokunye njalo ungathola ukuthi abazali bangumthombo nje wokukhanya, bazi ngabo. Bazi ngabayikho nabakuzwayo, abangafuni abantwababo bakuzwe. Kokunye bayazikhala ngenxa yabo nokwenza kwabo ngesikhathi sokwenza kwabo. Bayasho nje ukuthi kunje nje nje kungenxa yethu, kungenxa yami, abathi abazali bami bengiyala, bengipha isinkwa sakusasa, ngakushaya indiva mina ngaphanga umdaka. Babesho bethi yonke into inesikhathi sayo.
Angikuzwanga lokho ngoba ngangisaqhutshwa ngamandla obusha. Kokunye njalo lokhu abakuzwayo nabangakufiseli abantwababo, akubanga ngenxa yabo kepha kwaba ngenxa yesimo. Isimo esingafaka ubuswezi, ubuphofu, ubuhlwempu, ububha. Isimo esingafaka ubuntandane, ubuhambuma, ukubonga ukhosele, uvuke usemzimba uhlangene nomphefumulo. Bona bancamela ukulala ngendlu yengwenya, kuphela nje uma bebe ngumthombo ogobhozayo, ugobhozele ezizukulwaneni ngezizukulwane. Noma befa bayophila, uma kuphila abantwababo.
Umthombo ofuze lona wobuzali unemixhantela eminingi ngoba awubi ngumthombo kuphela kubantwabakho uma ungumzali. Ijoka lakho njengomzali elokuncelisa ngokuyinzuzo abantwana besizwe. Kwabuzali nabo buveza ukuthi buxhantele kangakanani. Ukuxhantela kwabo kuyo yonke imikhakha yezimpande, kumi ekuthenini umzali nomzali, noma ungumzali ngokwemvelo noma ungumzali ngayiphi enye indlela, kepha akabe ngumthombo wolwazi nokuqonda enganeni. Akabe ngumthombo wokukhanya neqiniso enganeni. Nanoma yimuphi umzali ongasekeliwe kulezi zimiso zobuzali, akalungele ukuba ngumzali. Nanoma yimuphi umzali ongumthombo wokuphambene nobuhle, nolwazi nokuqonda, yiqiniso nokukhanya, akumzali lowo. Uma engumzali, akumzali walutho, kepha ungumzali ngegama. Yimfanayo yemfeketho ephindiwe.
Abantwana ebuntwaneni babo bamsulwa abanachashaza. Baze bathi abaziyo bazithupha ziya egwayini noqwembe olungenalutho, olulindele ukulotshwa, lufundeke nakuphi lapho luhamba khona. Umntwana ulindele ukulotshwa nokugcwaliswa ngababona kuqala ilanga. Nakho ukubona kuqala ilanga kungesho nje ubudala ngoba umuntu emdala. Ubudala akusibona nje obethambo, nentshebe, nezimvu kepha ubudala yilobo obukwaziyo nobuzinikelayo ekutshaleni imbewu nenhlwanyelo yekhethelo ensimini esiyilimile. Ubudala ngobuzinikelayo ekuhlakuleni nasekugqibeleni ngenhloso yokukhuthaza nokuchumisa lokho okuyikho ngokwesivuno, sihlakulisise ukhula oluncintela, luncuncele izitshalo. Ubudala obunyanyalatayo, obugqibela ukhula ngenhloso yokufekethisa iziqhamo zesivuno, ngenhloso yokugcugcisa, bubhashise izitshalo zibe zishodolwana, ngenhloso yokushaza izitshalo, abemukeleki nangengozi, buwukufa fi.
Kodwa-ke ngenxa yokuthi ingane ilinde ozoyiloba njengoba kungalotshwe lutho nje emqondweni, izothatha noma yini efike kuqala. Iqiniso lithi kuhle ukuthi into ingene ngesokunene kuqala izike emqondweni wengane ngoba kwaze kwangena okungena ngesinxele, konakele. IsiZulu sithi, ubothukuza, ubofihla ngesandla sesinxele ngoba leyo nto abantu akulula ukuba bayibone, uyoze uyifice. Into engesiyona uma isize yangena ngesinxele kulukhuni kabi ukuyikhipha emqondweni, uthi uzofaka lena eyiyo. Khohlwa! Ngakolunye uhlangothi, into engene ngesokudla iyadinga ukuba ilokhu ivukuzelwa, ihlakulelwa, igqitshelwa, ithelwa umquba, inyenyezwa ukuze idlale iswakeme ize isimame ivuze umvuzo.
Ukhula aludingi zonke lezi zinto, kodwa lumandla lunjalo. Bazali ngemikhakha ngemikhakha, sukumelani ukuchumisa okuyikho esizukulwaneni senu ngoba ngale kwalokho bakhona abazonenzela lowo msebenzi. Futhi bazodla ubhedu nisale ninkemile.
Izingane zize zibone emva kwendaba ukuthi ubaba nomama babengithanda kangaka. Zibona emva kwendaba ukuthi kanti ngangithi bayangihlupha, bayangizonda kanti babengithanda. Bangakha ngaze ngaba yilokhu engiyikho. Kokunye babona emva kwempumelelo abazali besekhona, abantwana babuye bezobonga kubazali ngokuba ngumthombo wobuqotho nowothando kubona. Kokunye njalo bakubone bengasekho abazali, sebekhala abantwana ngokuthi babesitshela njalo abazali bethu. Sebethi sasingaboni, sasingazi ukuthi ngelinye ilanga uyosha lo mthombo, sasithi sisazoba nabo nje silokhu siziphuzela ngokuthanda.
Lokhu kuphuza emthonjeni wolwazi kubukeka kahle ezikoleni, ngoba phela amathishela angumthombo wolwazi. Amathishela anomgomo wokukhulisa ingane elekelelana nomzali wayo, ngokwengqondo nokomoya nangokwenyama. Nanoma yikuphi okufekethile kulokhu ubumthombo bomzali nobomfundisi bugcugcile. Umfundisi onguyena esikoleni, uyaqonda ukuthi ingane isezandleni zakhe, idinga ukukhuliswa ngokugcwele ezisekelweni zobuntu.
Ingane ilindele lukhulu kulo mfundisi. Khona lapho ingane iyazi ukuthi kumele idlale yenze nokunye ngendlela yobungane. Ingane iyamthokozela umfundisi oyambula inkungu ngokuyambulela ubuqiniso bamaqiniso ngokuyikho. Ingane khona lapho iyamthokozela umfundisi olibala ukudlala, engezi ukuzozifundisa, zidlale kube njeya, zithokozela ukungawenzi umsebenzi ezingabe ziyawenza. Ziyamthokozela nomfundisi ofika emva kwesikhathi, aphume ngaphambi kwesikhathi. Ziyamthokozela umfundisi oziphatha budedengu ukuba kwazona zingaze zibone ubuhle nobuqhawe kuyena nasekwenzeni kwakhe.
Okukhanyayo ukuthi ngelinye ilanga izingane sezibuka emuva, zibona umonakalo okuzo, zibona inzuzo ekuzo, ziyakwazi ukuqhathanisa le mithombo. Ziyakwazi ukuwubona umthombo wolwazi owawuyiwo nokwakungeyiwo. Izithelo ziyayichaza. Ezinye zimtoti, ezomunye zimuncu, ziyababa. Zize zisho ezinye zithi: “Sinje nje nje, sabulawa nguthisha ubani.” Zithi zafa kodwa zisho ziphila. Ngamafuphi ziyizimfakabili. Ngamanye amazwi akudingi ukuba uze ube ngunyangamthakathi ukuba ukwazi ukuthwebula abantu, ubashayele isipikili ekhanda, babhashe, ubanqume ulimi, bashwashwathe, badle amasica, amakhakhasi nengoloyi, kepha ungakufundela uthole ngisho isitifiketi sokukufundisa.
Ezinye ungazizwa zithi: “Thina sinje nje nje, ngumfokaSibanibani!” Zisho zizishaya izifuba ubone ukuthi ziyaziqhenya. “Kodwa sasimzonda, esefuna umsebenzi wakhe, esesishaya, engafuni lutho, kodwa sathi sesidabula kwasani ngamalengiso, sambonga. Ngikhumbula simxoshile nje ekilasini, sithi asimfuni, kwaze kwangena uthisha ubani, sabona ukuthi, ayi! Ayikho-ke le nto. Samkhumbula. Samlanda.” Unjalo-ke umthombo.
Abantu ubathola bephiyaza, bedlundlutheka begcwele wonke umhlaba lona, hhayi ukuthi yini, balangazelela, balabalabela umthombo. Ungathola bedlundlutheka belingisa indluzele yomile ogwadule, bomile. Zishile iziziba, asha amadamu anamanzi, kwasa ngokunye uma ulimi selunamathele olwangeni kungekho okokulunyambisa. Abantu sebefuna umthombo nje ongaba neconsi nje banyambise ulwanga. Abantu balangazelela umthombo wokuthula, umthombo wokulunga, umthombo wobulungiswa nenhlalakahle. Ishile yonke imithombo umhlaba wonke yalolu hlobo. Kuphethuka eyembedumehlwane. Abantu bake baphuza emthonjeni wokukhomba ngophakathi, abakaze bakuqikelele ukuthi uyohamba uhambe ushe. Bawudinga, bawulangazelela ngendlela edlula ukwenza namuhla, kepha akubani owawushisa wawugqiba, nabo siqu sabo banesandla.
Ingani umthombo wokulunga nensindiso yabo bayishaya indiva? Ingani umthombo wegazi bawushaya indiva, abagcini lapho, kepha bawunqamleza? Kepha abantu babona ngokufa kwawo ukuthi: Lo ubengumthombo wensindiso yesintu. Ingani nansi induna yekhulu ithi: “Nempela lo, ubeyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha bekade bemthuka, bemfela ngamathe, bemkhafulela ngezikhwehlela, bembhaxabula, bemethwesa umqhele wameva, bemhlubula, bemethwesa isiphambano kwaze kwasekugcineni, mhla bembethela emthini wehlazo. Namuhla umuntu uyawukhalela lo mthombo wokulunga, wokuthula, wensindiso, kepha konke kusa emva kwendaba. Mngakanani umonakalo osuwenzekile?
Uma singabantu nje siyadinga ukwamukela iziphiwo ngeziphiwo, umuntu nomuntu aphiwa zona. Isiphiwo somunye sibe yinzuzo kimi, nesami sibe yinzuzo kuyena ngendlela eyakhayo. Buka nanku umthombo weQhudeni, untaba zikhala amanzi, isibonelo esihle. Yonke imithombo iphethuka nxazonke zayo, ukuba wusizo kunoma ngubani enhla nasezansi.
Singefunde ngemvelo ukuthi ubunye obuthombuluka ndawonye, buphuze mthonjeni munye bungamandla? Nanku owoThukela umthombo, okungalokothi kusondele kwasani kuwona ngisho isihlahla somdlebe umthombo woThukela, bathi, kwakhala imbuzi, kwakhala inkomo! Amandla omthombo! Umthombo wempilo! Avikelwe ngandlela thile ukuba angaze adungeka anukubezeke kuphela nje ondle imvelo enhla nasezansi ngobuthombo bomthombo othombuluka ezinzulwini zeziziba zamadwala engabadi. Wuphawu lweqiniso, iqiniso elimiyonelimsulwa, elalela selikheswa, licwaswa, licokofulwa ngapha nangapha, kepha lingahlangani namanga. Wawukuzwaphi wena ukuhlangana kwamanzi namafutha.