Angase abonakale ebhentshini labaqeqeshi obeyisibabuli se-Orbit


Emdlalweni wakhe wokugcina ulekelele iqembu lakhuphukela esigabeni esiphezulu
Ukaputeni we-Orbit College Football Club u-Atisang Batsi uhlela ukuwagaxa emgibeni amakhokho.
UBatsi oneminyaka engama-41 ushiye abathandi bakanobhutshuzwayo bengawuvali umlomo ngeqophelo lebhola alidlale emidlalweni yokuhlunga kazwelonke ngaphansi kuka-ABC Motsepe League.
Ubeyibamba kuchwaze inkundla. Ezakhe zigcine zikhuphukele kuMotsepe Foundation Championship.
Kowandulela owamanqamu zahlula Umsinga United ngelilodwa eqandeni, kwathi kowamanqamu zaguqiswa i-Upington City yaseNorthern Cape ngamathathu kwelilodwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu emasontweni amabili edlule.
Exoxa nelaboHlanga uveze ukuthi usezinhlelweni zokuthatha umhlalaphansi.
“Ngisezingxoxweni nezikhulu zeqembu mayelana nokuthi ngithathe umhlalaphansi. Njengamanje sidingida indaba yokuthi ngibe yingxenye yethimba labaqeqeshi. Ngesikhathi kuqala isizini ngakubeka kwacaca ukuthi ngifuna ukudlala isizini yami yokugcina bese ngithatha umhlalaphansi. Ngijabule ngokuthi ngikwazile ukusiza iqembu ekutheni lizibekisele indawo kuMotsepe Championship. Lesi bekuyisifiso sami esidala,” kusho uBatsi.
Lo mdlali uqokwe njengovelele kweyokuhlungela ukungena kuMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo, wagoduka nemali eyizinkulungwane ezingama-R100
I-Orbit College izakhele igama ikhiqiza isibabuli se-Orlando Pirates uMonnapule Saleng obevutha engabaselwe ku-Orlando Pirates ngesizini edlule.
USaleng kuvela ukuthi wanikezela ngemali eyizinkulungwane ezingama-R100, kulona leli qembu ekutheni lizilungiselele ngaphambi kokuyodlala imidlalo yokuhlunga.
“Ngesikhathi ngibuya eBotswana inhloso yami bekuwukusiza iqembu ekutheni linyukele esigabeni esiphezulu. Ngeneme ngokuthi ngikwazile ukufeza leli phupho lami leminyaka ngesizini ebengihlose ngayo ukuyeka ibhola. Esikwenzile sikwenzele abantu baseNorth West. Ukuba nelinye iqembu elidlala kulesi sigaba kuzokwandisa amathuba okudlala kuDSTV Premiership entsheni yaseNorth West,” kuqhuba yena uBatsi exoxa nelaboHlanga.
Le nkunzi emidwayidwa kudala igudla. Idlale amasizini ayisithupha kuJwaneng Galaxy yaseBotswana kusukela ngowezi-2015 kwaze kwaba unyaka wezi-2020. Udlale izikhawu ezimbili kumqhudelwano omkhulu lapha e-Africa iCaf Champions League nayo iJwaneng Galaxy FC anqoba nayo iligi ngonyaka wezi-2020.
Wacishe wasayiniswa iPlatinum Stars kodwa ngeshwa kwagcina kungenzekanga.
“Angiphuzi futhi angibhemi. Ngicabanga ukuthi yilokho okungenza ngibe kulesi simo engikuso njengamanje. Ibhola lifuna ulihloniphe ukuze nalo lizokuhlonipha. Uma ungalihloniphi nalo angeke likuhloniphe. Ukube bengingaziphethe kahle bengingeke ngidlale ngize ngifinyelele kule minyaka engikuyona manje,” kuphetha uBatsi.
Njengoba i-Orbit College ne-Upington City benyukele phezulu kuMotsepe Foundation Championship, i-Orbit ne-Upington bazothatha izikhala zeTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) neBlack Leopards okungamaqembu agawulwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
Kodwa ke iLeopards izophinde ibuye ngesizini ezayo njengoba ithenge isitifiketi sokudlala kuMotsepe Foundation Championship kwi-All Stars.