IDowns ithwelwe ngeqoma ekuwoleni imiklomelo ekusongweni kwesizini


IMamelodi Sundowns iyazenzela ebholeni laseNingizimu Afrika. Uyathanda noma awuthandi impumelelo yeSundowns iyazikhulumela futhi kubukeka kusazothatha isikhathi ukuthi iphele.
Leli qembu selinqobe isicoco seligi amahlandla amahlanu elandelana. Kule sizini izosinqoba okwesithupha. ISundowns ayigcini nje ngokuzicanasela enkundleni kodwa nangaphandle kwenkundla kubukwa yona. Uma kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kusuke kubukwa yona. Kuyimanje iyona kuphela emele uMzansi kuCaf Champions League.
Kule sizini akungatshazwa ukuthi kuzophinde kukhonye yona emklomelweni yePremier Soccer League (PSL). Intatheli yelaboHlanga, uZipho Singela ubheka imiklomelo yePSL engase inqotshwe yiSundowns uma sekusongwa isizini.
Umqeqeshi ovelele:
- Rhulani Mokwena:
Njengamanje umfokaMokwena akanayo imbangi kulo mklomelo. Selokhu ethathe izintambo ngokuphelele kuSundowns akayazi induku. Usenqobe imidlalo engu-19 ilandelana. Emidlalweni yeligi, iSundowns ivule igebe lamaphuzu angu-19 esicongweni. Ama-Brazilians asehlohle amagoli amaningi kunawo wonke amaqembu emidlalweni yeligi kule sizini ngangu-39. Leli qembu yilona futhi elisadedele amagoli amancane (ayisikhombisa). Ngaphezu kwalokho lenze umlando liba yiqembu lokuqala emlandweni wePSL ukunqoba imidlalo engu-18 yeligi ilandelana.
Isitobha sesizini:
Umbango uzoba phakathi kukaKhuliso Mudau noGiven Msimango weTS Galaxy Football. UMadau ube ngukhiye ekutheni iSundowns ingenelwe amagoli ayisikhombisa emidlaweni engama-21. Kule midlalo udlale eli-18. UMadau uphinde abe wusizo noma iSundowns isihlasela ngakwesokudla emuva. UMsimango ongukaputeni weGalaxy ukhula umdlalo nomdlalo. Yingakho iRockets ilandela iBrazilians emaqenjini asadedele amagoli amancane.
Unozinti ovelele:
- Ronwen Williams:
Ufike kuSundowns walenza elakhe ijezi likanozinti. Ulihlwithe uDenis Onyango obekunguyena obekhonya ezintini.. Ngemuva kwalokho akabanga esabheka emuva. UWilliams usadedele amagoli ayisithupha emidlalweni eli-19 yeligi. Kule midlalo eli-19 yeligi udlale eli-14 engadedeli nelilodwa igoli. Njengamanje nguyena ohamba phambili konozinti asebedlale imidlalo eminingi badedela amagoli amancane. Umklomelo kanozinti ovelele uzowunqoba kalula. Uzowubanga noMelusi Buthelezi weTS Galaxy Football Club. Usadedele amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni eli-16. Emidlalweni eli-16 uphume kweyisishiyagalolunye engazange angenelwe yigoli. Omunye unozinti ozomphelezela nguSalim Magoola weRichards Bay FC usedlale imidlalo engama-21 wadedela amagoli ali-15 waphuma kweli-11 engangenelwanga yigoli.
Umdlali wasesiswini ovelele:
- Neo Maema:
Ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni yeSundowns. Uhlohle amagoli amahlanu wakha elilodwa emidlalweni eli-18. Uzobanga lomklomelo noMailula noSaleng wePirates.
- Cassius Mailula:
Ufike kwezwakala ebholeni elikhokhelayo. Ngemuva kwemidlalo eli-12 yeligi usebhakuzise enethini amagoli ayisikhombisa wakha amathathu. Iningi lamagoli akhe uwashaya emidlalweni emikhulu. Umklomelo womdlali wasesiswini ovelele uzowubanga nozakwabo uNeo Maema noMonnapule Saleng.
- Monnapule Saleng:
Usephenduke isibani seBhakaniya. USaleng usenguMesaya weZimnyama. Ngaso sonke isikhathi nguyena okhipha iPirates otakwini ayibeke empumelelweni. Usenamathelise enethini amagoli amahlanu wakha amane emidlalweni eli-15. Umbango walo mklomelo uzoshuba phakathi kwakhe noMailula.
Umdlalo omncane ovelele:
- Cassius Mailula:
Akanantanga kulo mklomelo womdlali omncane ovelele. Uzowunqoba kalula. Lesi sibabuli seSundowns sidlala isizini yaso yokuqala ezingeni elikhokhelayo. Sineminyaka engama-21. Iningizimu Afrika yonke akekho umdlali oneminyaka engama-21 oshisa njengoMailula eMzansi njengamanje.
Umshayimagoli ohamba phambili:
- Peter Shalulile:
Ubambene nomgadli weSuperSport United, uBradley Grobler ngamagoli ayisishiyagalolunye kubagadli abasembangweni womklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi. Yize uShalulile eke ahlale isikhathi eside engadlali kodwa ubuye ngamandla ngemuva kokuxazulula izinkinga zakhe neSundowns. Ngesizini edlule udle umklomelo ofanayo ngamagoli engama-23. Emidlalweni eli-15 useshaye amagoli ayisishiyagololunye wakha amabili.
Umdlali ovelele:
- Cassius Mailula:
Izibalo yizona ezimbeka ethubeni elihle lokuqokwa njengomdlali ovelele nomdlali oqokwe ngabanye abadlali njengomdlali ovelele. UMailula uvutha engabaselwe. Kulezi zinsuku akabambeki.
- Monnapule Saleng:
Mhlawumbe usengaphazanyiswa wukuthi iPirates ayikho embangweni wesicoco seligi yize enza kahle. Usengadliswa ogageni nguMailula noShalulile.
- Peter Shalulile:
Uma engaqhubeka nomgqigqo wakhe omuhle phambili kwamapali kuncane okuzomvimba ekutheni avikele lomklomelo awunqobe ngesizini edlule.