Ingebhe ngezinye izikhukhula KwaZulu-Natal
Kunovalo lokuthi izihlambi ezinamandla zemvula eziqale izolo emini bebade ezingxenyeni ezihlukene KwaZulu-Natal zingadala omunye umonakalo njengoba kuseneningi labantu elakhe ezindaweni ezisosebeni lemifula nemihosha.
AboMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu Nokubusa Ngokubambisana esifundazweni bakhiphe isexwayiso kubantu ukuba basuke ezindaweni eziyingozi ngoba maningi amathuba okuthi imvula enamandla liqhubeke nokuyidliva kuze kube uLwesine ekuseni.
Izindawo ezisoGwini zifakwe ngaphansi kwesixwayiso esibizwa nge-Orange Level 6, esingesesibili kwezinkulu futhi ezinobungozi. Ngesikhathi sokuloba lapha bese kubikwe umonakalo ezindaweni eziyimijondolo eClairwood naseSiphingo.Umonakalo uphinde wabikwa eScottburgh, eMkhomazi kuze kuyoshaya koMahlongwa.
Ukuhamba kwezimoto kuqalile ukuphazamiseka emizileni emikhulu njengomgwaqo oxhumanisa iTheku nezindawo ezisoGwini. Isiminyaminya esikhulu siqale ukubonakala eduze kwesikhumulo esidala sezindiza ngenxa yamanzi abegcwele umgwaqo. AbeSouth African Weather Services bathi iTheku yilo elibhekwe ukuba libe nemvula eningi ukwedlula amanye amadolobha. Baxwayisa ngokuthi uma liqhubeka nokuyidliva kungaphazamiseka namabhizinisi.
Kusuka ePort Shepstone, eMargate kuze kuyoshaya ePort Edward kubikwe imvula engama esukela kuma 49mm kuya kuma 89mm izolo ntambama. Isitatimende esikhishwa aboMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu sithe maningi amathuba okuthi imvula eliqhubeka nokuyidliva ilimaze ingqalasizinda njengemigwaqo namabhuloho. Isitatimende siqhuba sithi abezokuhlangula bami ngomumo uma kwenzeka kudaleka umonakalo.

