UKadodia usikaza ukuyifaka endalini iMaritzburg emuva kwezembe
Zisikaza ukuyifaka endalini iMaritzburg United izikhulu zaleli qembu eligawulwe yizembe kuDSTV Premiership.
ElaboHlanga lihabule lezi zindaba ngemithombo yalo ethembekile. Ngemuva kwamasizini ayishumi nanhlanu iTeam of Choice igawulwe yizembe esigabeni esikhulu.
“Izikhulu zeMaritzburg zisayibhunga indaba yeqembu kulandela ukugawulwa yizembe. UFarook Kadodia (osesithombeni) onguSihlalo weqembu imkhahlamezile indaba yokugawulwa yizembe. Angifuni ukuqamba amanga. Ushayeke kakhulu mfowethu. Emoyeni akekho esimweni esihle,” kubeka umthombo ongaphakathi kuleli qembu laseMgungundlovu.
ITeam of Choice isiqalile ukuhlukana nabadlali bayo abanonhlonze. U-Ali Meza ukhonjwa kuMaZulu FC kwathi uRenaldo Leaner wajoyina iSekhukhune United. Abanye asebehambile u-Alfred Ndengane, uTravis Graham, uFriday Samu, uWayde Jooste, uSiboniso Conco noKing Ndlovu.
“NgoLwesihlanu uKadodia uzohlangana neBhodi yeqembu. Bazothatha isinqumo mayelana nekusasa leqembu. Bazohlaziya ukuthi bazothenga iqembu noma bayalidayisa yini. Uma bebona ukuthi izikweletu zeqembu ziningi bazothatha isinqumo sokulidayisa,” kuqhuba umthombo.
IMaritzburg United isanda kuhlukana noFadlu Davids obecija iqembu. Uvumbuke kuRaja Casablanca emethule njengephini lomqeqeshi uJosef Zinnbauer.
“NgoLwesithathu uKadodia uhlangane nezikhulu zikamasipala ngenhloso yokubheka ukuthi ayikho yini into engenziwa ukuze kwenziwe imizamo yokuthenga isitifiketi sokudlala kuDSTV Premiership. Izolo bekumele athulele iBhodi ngombiko womhlangano nezikhulu zikamasipala,” kubeka lo mthombo othembekile.
Eminyakeni eyedlule AmaZulu ake agawulwa yizembe okwaholela ekutheni agcine ethenga isitifiketi seThanda Royal Zulu. Ngemuva kwalokho uSifiso “Jomo” Biyela wathenga isitifiketi soSuthu sokudlala kuMotsepe Foundation Championship.
“UKadodia useke wakhuluma noJomo Biyela mayelana nokuthenga iRichards Bay FC. Ubesafuna ukuzwa amanzi ngobhoko. UBiyela sengathi umtshelile ukuthi uma kungakhona isivumelwano esihambisana netshe lemali uzosilalela,” kuchaza umthombo ongashayi eceleni.
IRichards Bay iqale amalungiselelo esizini entsha kuleli sonto ngaphandle komqeqeshi. Ixoshe lonke ithimba labaqeqeshi.
Imizamo yokuthola uKadodia ukuthi aphawule ngalolu daba ayizange iphumelele kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.