Now Reading
IMeya ibhonge emswaneni emndenini oqhunyelwe ugesi
Dark Light

IMeya ibhonge emswaneni emndenini oqhunyelwe ugesi

IMeya kaMasipala wesiFunda iMajuba, uCllr uMntwana uNdabuko Zulu, nethimba lezinhlekelele babhonge emswaneni emndenini wakwa Madonsela, ngaphansi kukaMasipala waseDanawozi kuWadi 2 ngemumva kokudlula emhlabeni ngesihluku kukagogo oneminyaka engama-62 ubudala nomzukulu ononyaka owodwa.

Kuthiwa lamalunga omndeni adlule emhlabeni ngemumva kwesigameko esidalwe ukuqhuma kwegesi okuyisona esiholele ekutheni kube nomlilo. Lengozi yenzeke ngoLwesithathu olwedlule. 

Kulolu hambo iMeya uZulu, uzwakalise ukuphatheka kabi ngengozi eyenzekile wathembisa ukuweseka umndeni kulesisikhathi.

“Sithe uma sizwa njengoMasipala wesifunda ngemumva kokuzwa lezi zindaba sathi asisondele sizobhonga emswaneni siphinde sizwe izinhlelo zokufihla ukuthi zimi kanjani. Sithe asingafiki silengise izandla kodwa kubekhona esizowukhalisa ngakho, kungabi sengathi uMasipala awunakile” kubeka iMeya uZulu. 

See Also

IMeya uZulu, igcizelele isidingo sokuqapha kakhulu ikakhulukazi njengoba kuyisikhathi sasebusika, ukuthi imiphakathi iqikelele uma isebenzisa izifudumezi ezingaholela ebungozini. Lesi sigameko senzeka nje uMasipala usanda kukhipha izixwayiso kanye nemikhombandlela abantu abangayisebenzisa ukuzama ukugwema izinhlekelele ezifana nalezi. 

“Siphinde futhi sinxuse imiphakathi yethu ukuthi isebenzise izikhungo zethu zezenhlalakahle uma kudingeka ukuthi zingenelele njengoba imiphakathi yethu ihlaselwe yizinkinga zomphakathi” kubeka iMeya uZulu. 

Scroll To Top