Now Reading
Yize ishiywe inqwaba yabadlali kusantwela ezansi kuSunflower
Dark Light

Yize ishiywe inqwaba yabadlali kusantwela ezansi kuSunflower

Umqeqeshi weqembu labesifazane iSunflower WFC uSiyabonga Malinga uthi nakanjani bazophinde besimele isifundazwe iKwaZulu-Natal, kweyomqhudelwano ye-Engen Knockout Challenge.

I-Engen Knockout Challenge idlalwa kuzona zonke izifunda, bese iqembu elinqobe esifundazweni laso libhekane namaqembu anqobe kwezinye izifundazwe eGoli koweChamp of Champs.

Nyakenye iSunflower WFC kwabesifazane iyona eyanqoba esifundazweni iKwaZulu-Natal, kanye neMidlands. Imidlalo ye-Engen Knockout Challenge KwaZulu-Natal izoqala mhla zingama-30 kwephezulu isongwe mhla zimbili kuNtulikazi, izodlalelwa eHoy Park naseTills Cresent Sport Ground.

“Sesilinde ukuthi le midlalo iqale, abadlali bakhombisa okukhulu ukuzimisela. Sinqobile nyanyeke sayomela isifundazwe sethu, safika safunda kweyeChamp of Champs. Udinga ukuya kuleya mdlalo uzilungiselele ngokwanele, ngoba basuke bebaningi abaqeqeshi abakhona okubalwa nabaseqenjini lezwe. Uma sibuyela khona siyathembisa ukuthi sizofike senze kahle,” kusho uMalinga.

UMalinga akagcini ngokuba umqeqeshi weSunflower WFC kodwa ungumsunguli wayo, nonyaka leli qembu ligubha iminyaka engama-28 lasungulwa.  Lo mqeqeshi uncome abakwa-Engen ngokuthi befake iqembu labesimame kulo mqhudelwano waminyaka yonke.

“Siyabonga kakhulu kwabakwa-Engen nabagqugquzeli ngokufaka abesifazane kulo mqhudelwano. Lokhu kuzosiza amaqembu esizwe kusukela eqenjini labaneminyaka engaphansi kwengama-17 kuya kwiBanyana Banyana,” kusho uMalinga. 

Emdlalweni yeSasol League iSunflower WFC iyiqale kahle iligi njengoba emidlalweni emihlanu inqobe emine yadlala ngokulingana kowodwa.

UMalinga uthe okwenze bayiqala kahle isizini ingoba bazilungiselela ngokwanele ngaphambi kokuqala kwesizini. Bathatha amasonto ayisithupha kuya kwayisishiyagalombili bekwi Pre-season. 

Uphinde wabalula ukuthi kubabulele ukuhanjelwa inqwaba yabadlali abanohlonze bethole amadlelo aluhlaza, kodwa kuphinde kwavulela abadlali abancane ithuba lokuthi badlale.

Kulabo badlali kukhona uYolanda Nduli, uThubelihle Shamase, uSphumelele Shamase, u-Ongeziwe Ndlangisa, uYenzokuhle Ngubane, uNtombifikile Ndlovu noNduduzo Dlamini okuyimanje badlala kuHollywoodbets Super League okuyiligi enkulu yabesifazane kuleli.

See Also

UMalinga ubongele u-Asanda Hadebe ongumdlali waleli qembu okuyimanje osekhempini neBanyana Banyana.

“Siyambongela kakhulu u-Asanda izithelo zokusebenza kanzima nokuzimisela. Kuphinde kusisize ekugqugquzeleni abadlali abakhona eqenjini manje, nabo ngelinye ilanga bengafika ezingeni lakhe,” kusho uMalinga.

Lo mdlali ufike kuleli qembu eneminyaka yobudala eyi-9, nonyaka uneminyaka engama-20. Njengoba esekhempini usethubeni lokuthi aqokwe eqenjini elizoya kodlala iNdebe YoMhlaba.

“Ukuba sekhempini kukodwa kuyamfundisa kakhulu, noma kuthiwa akasayi kweyoMhlaba kodwa uzobe efundile. Iminyaka isamuvuma usanalo ithuba, ngiyafisa aqhubeke nokwenza kahle,” kuphetha uMalinga.

Scroll To Top