Now Reading
Izigqila zobuchwepheshe: Masingalawulwa yizinkundla zokuxhumana
Dark Light

Izigqila zobuchwepheshe: Masingalawulwa yizinkundla zokuxhumana

Sisasekuyo inyanga yentsha, sengike ngakuqaphela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi iningi labantu selifaka noma yini nje ebukeka ingaheha abantu, ukuthi iyiqiniso noma ingamanga akekho onendaba. Inhloso enkulu phela ukudonsa abantu ukuba balandele ama-akhawunti abo ukuze bezoba nabalandeli abaningi nokuzokwenza bakwazi ukuhweba nezinkampani ezithize ezisuke zizobathumela ngemikhiqizo yazo bese bona beyikhangisa kubalandeli babo, phecelezi ama-influencers.

Lokhu-ke kusho into eyodwa. Ezinkundleni zokuxhumana kukhona umthengi (consumer) nothengisayo (supplier). Wena ungazitshela ukuthi usafuna ukuzichithela isizungu kancane ngokubukabuka ku-Instagram kepha angeke kuphele nemizuzwana emihlanu ungahlangananga nesithombe esikhangisa okuthize. Kuningi-ke okukhangiswayo ezinkundleni zokuxhumana, kuya ngawe ukuthi uthandani. Uma uthanda izimoto, yizona ozozibona kakhulu, kanjalo uma ubuka okungamanga yikho futhi ozokubona kakhulu.

Ubuchwepheshe be-algorithm bubheka isikhathi osichitha ubuka uhlobo oluthize lwamavidiyo nama-akhawunti owavakashelayo bese lusondeza nokunye ongase ukuthande okuhlobene nalokhu osuke ukubuka. Kuhle ukukucacisa ukuthi uma ungaqapheli, ungazithola sewungaphansi kwenkulu ingcindezi nokhwantalala ngenxa yalokhu.

Ngaphambilini ngake ngabhala ngokunyuka kwezinga labantu abagcina benokhwantalala ngenxa yokuchitha isikhathi esiningi ezinkundleni zokuxhumana bengabe besazinika isikhathi sokunakekela imizimba yabo nendawo abahlala kuyo nemiphakathi yabo.

Imizimba yethu iyakhathala uma sizohlala phansi sigqolozele amaselula isikhathi eside. Kunemisebe ekhishwa ukukhanya kweselelula okulimaza amehlo kuphinde kuphazamise ukusebenza kwehomoni ebizwa nge-melatonin nokuyiyo eyenza ukuba silale ebusuku siphinde sivuke ekuseni. Uma sigqolozela iselula ebusuku, lehomoni iyacasha ngenxa yokukhanya kweselula ize iqhamuke uma sewucishe lokho kukhanya. Lokhu-ke kwenza ukuba umzimba wakho ungabi nesikhathi esanele sokulungisa izinto emzimbeni ngesikhathi usalele ngoba uma kukhanya ekuseni le-melatonin izokuvusa futhi (phela yona isebenza ngokukhanya nobumnyama).

Inkinga nokho umzimba wakho uzobe sewubhocobele ngesikhathi uvuka, uphinde uthathe leselula yakho ungene ezinkundleni zokuxhumana ubuke inqwaba yamavidiyo amafishane ngemizuzu embalwa nje. Usuku lonke-ke bese luyonakala ngoba sewuzofana negobolondo nje elipheshulwa umoya. Cabanga umonakalo owenzakalayo kuwe uma uqhubeka nalomkhuba.

See Also

Uma uqaphela uzobona ukuthi mkhulu kangakanani umehluko kubantu abenza imisebenzi edinga ukuba basebenzise amandla omzimba okungaba ukuthwala okuthize, ukulima, nokunye okunyakazisa umzimba uma ubaqhathanisa nalabo abachitha isikhathi behlezi phansi begqolozele amakhompuyutha. Yingakho kwakhandwa izindawo zokuzivocavoca ukuze abantu bezonyakazisa imizimba.

Phela imizimba iyona ekwazi ukuthatha imiyalezo iyihambese emqondweni isebenzisa imizwa. Sibuka ngamehlo, silalele ngezindlebe, sithinte ngezandla, sinambithe ngemilomo njalo njalo. Imizimba yethu ibaluleke ngendlela eyisimanga kithi kepha uma singayinakekeli yilapho-ke siyibeka engcupheni.

Uke uzibuze ukuthi amandla okuzelapha uwatholaphi uma usikwe okuthize emzimbeni? Imizimba yethu inayo yonke into edingakalayo ukuze izozelapha iphinde ilwisane nezifo. Ngakho kuhle siqaphele izinto esizifaka emzimbeni yethu ngoba umqondo uthola amandla kuyo imizimba yethu.

Scroll To Top