UTshisekedi uzobonga ihlandla lakhe lokuqala ngokuhlonipha uwemba


Emuva kweminyaka eyisikhombisa alandulela leli elimagade ahlabayo, uhulumeni waseDemocratic Republic of Congo (DRC) uzohlonipha owayeyinkakha yomculi uShungu Wembadio Pene Kikumba.
Kwezikaqedisizungu wayaziwa ngoPapa Wemba. Igama lakhe liphambili kubaculi namaciko azohlonishwa uMengameli uFelix Tshisekedi ngasekupheleni kwenyanga kuleliya lizwe. Njengoba kusondela ilanga lomcimbi, ezitaladini ezinkulu zaseKinshasa kubhebhezela izithombe zakhe.
Kuze kube uzithola esebizwa ngoPapa nje, kungenxa yokuthi kwase kunguye emndenini okwakumele athathe indawo kababa. Wazalelwa eCongo, esiyaziwa ngeDemocratic Republic of Congo (DRC)enhlokodolobha iKinshasa zili-14 kuNhlangulana wezi-1949, kusabusa uMobutho Sese Seko. Wayeyizibulo kubazali bakhe yingakho azithola sekumele anakekele izingane zakwabo emuva kokudlula emhlabeni kwabo.
Uyise owabe engumzingeli walwa Empini Yesibili Yomhlaba, kanti unina wayengumculi. Ekukhuleni kwakhe uyise wayengafuni ukuba alandele ezithendeni zikanina abe ngumculi, kodwa kwagcina kungahambanga kanjalo. Unina nguye owayemkhuthaza kakhulu emculweni.
Njengengabaculi abaningi naye uPapa Wemba ikhono lakhe lokucula laqala ukugqama ngesikhathi ecula ekwayeni yebandla lakubo lamaRoma ngeminyaka yawo-1960. Ngaleso sikhathi umculo wawudla lubi eCongo ikakhulukazi emabandleni ngaphambi kokuba izwe lithole inkululeko. Izingoma zakhe zazinomyalezo wokugxeka uHulumeni kaSese Seko ngokuqinisa isandla kubantu.
Ukuqopha umculo nokuwubhala wakuqala khona esacula ekwayeni yamaRoma. Ekuphumeni kwakhe ebandleni wazihlanganisa neqembu lomculo iZaiko Langa Langa, okwabe kuyibhendi eyayizinze eKinshaza.