Now Reading
Ungayini umlando weshashalazi ngaphandle kwakhe?
Dark Light

Ungayini umlando weshashalazi ngaphandle kwakhe?

Inqubo yobandlulo yabe inezinhloso ezisobala okwabe kuwukunqinda intuthuko yaboHlanga kuyo yonke imikhakha yempilo. Yebo bakhona abasala empini kepha kukhona ngembobo yenalithi abaphumelela, kwathi ngokuphumelela kwaba balanda abanye. Omunye walabo yinkunzi emidwayidwa yalapha eNhlwathi, uDkt uMbongeni Ngema.

Ubuchule bemisebenzi yakhe kwenza kwaba lula ukufundisa imiphakathi eminingi ngokwabe kwenzeka kuleli. Abantu beminyaka eyahlukene bathola ulwazi, behleka kokunye bekhala ngenxa yobuciko bokubhala kwale nsizwa. Phakathi kwemidlalo yeshashalazi singabala iWoza Albert (1981) , i-Asinamali (1993), iSarafina (1987), iThe Musical of Freedom (1995) iThe Zulu – the Musical (1999), i-1906 Bhambatha The Freedom Fighter, iThe House of Shaka (2005), iNikeziwe (2005) neThe Lion of the East.

Nasekubhaleni umculo yingqwele naba nje oMy Fohloza, i-One Blood ayenza naMambazo, iSafa Saphela Isizwe Esimnyama, iSinyikanyika, iNtombizodwa, i-African Solution neSiwiliwili nezinye. Ngowe-1994 uNgema waqokwa njengomqondisi wekwaya ngesikhathi kwenziwa ingqayi yokusazilwane iThe Lion King, nayo egcine seyenziwa iMusical Play ngabakwaDisney International. Lapha wahlanganisa umculo eculweni iCircle of Life (African Voices) neyawina iGrammy Award, iThe Lion King, iDisney Animated Film for vocal arrangements (1995).

See Also

Ngowe-1998, uNgema wahlonishwa ngokufakwa kuWalk of Fame ngaphambi kweLucille Lortel Theatre in Manhattan, New York City, njengomunye wababhali abahlonishwayo emhlabeni. Kuningi okunye ngaye nokwenza umlando wakhe ulumbane nalowo weshashalazi kuleli nasemhlabeni jikelele.

Scroll To Top