Isitobha seBanyana sithi asikuphuphi noma silele ukuphonsa amakhokho ethala


Kuqaqamba inhliziyo ngokuphuthwa ukumela izwe emidlalweni yeNdebe Yomhlaba kuJanine
Ufuna ukulandela ezinyathelweni zengwazi yasePortugal, uCristiano “CR7” Ronaldo ukaputeni weBanyana Banyana, uJanine Van Wyk ozophuthwa yiNdebe yoMhlaba yabesifazane ngenxa yokulimala. Indebe yoMhlaba izobanjelwa kwelaseNew Zealand nase-Australia ngoNtulikazi ize iphothulwe ngoMandulo.
UVan Wyk usedlale imidlalo eli-180 egqoke imifaniswano yeBanyana utshele elaboHlanga ukuthi akalilahlile ithemba lokufinyelela emidlalweni engamakhulu amabili.
NgoLwesibili uRonaldo wenze ingqophamlando eba ngumdlali wokuqala kwabesilisa ukudlala imidlalo engamakhulu amabili eqenjini lesizwe.
URonaldo uhlobise le ngqophamlando ngegoli eliweze iPortugal ngelibanzi kade ibhekene ne-Iceland emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-European Championship engonyaka ozayo.
“Umnyango wokumela izwe lami awuvaliwe. Lisekhona ithuba lokufinyelela emidlalweni engamakhulu amabili. Ithuba elifana nalelo angilivalile. Yebo, ngibe neshwa ngalimala kodwa ugqozi lokudlalela izwe lami ezingeni lomhlaba lisekhona. Njengamanje ngishoda ngemidlalo emibili ukuze ngibe ngumdlali ohamba phambili kunabo bonke e-Afrika ukudlala imidlalo eminingi eqenjini lesizwe,” kuchaza uVan Wyk engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.
UKristen Lilly wase-USA nguyena ophethe irekhodi lokudlala imidlalo eminingi kwelesizwe emhlabeni jikelele. Usemele izwe lakhe emidlalweni engama-354.
“Uthando lwami lwebhola nelokwenza kahle uma ngigqoke ijezi lesizwe yilona elingibeke lapho engikhona njengamanje. Uma ubheka nabadlali abaningi abazuze okucishe kufane nokwami bagqugquzelwa yinto efanayo. Uma ngidlalela izwe lami ngihlale ngibheke ukugqama. Ukumela izwe lami akuyona into engiyithatha kancane,” kuqhuba uVan Wyk.
Le ngwazi eneqembu lebhola isikwenze cishe konke ebholeni elikhokhelayo. Imele iBanyana amahlandla ayisithupha ku-Africa Cup of Nations (Afcon) yabesifazane. Akagcinanga lapho njengoba edlale kweyoMhlaba nelesizwe ngowezi-2018 eFrance. Uphinde wagijima kuma-Olympic Games ngowezi-2012 eLondon nangowezi-2016 eBrazil.
“Intshisekelo yokwenza kahle kwelesizwe isekhona. Indaba yokuthatha umhlalaphansi yinto engekho emqondweni wami okwamanje. Angiyiboni impilo yami ngaphandle kwebhola,” kubeka uVan Wyk.
Lesi sitobha esinqobe i-Afcon neBanyana ngonyaka odlule sithinteke edolweni.
“Bekungakuhle ukuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba. Lokho angeke sikubalekele. Nokho izinto ezifana njengokulimala ngeke uzigweme ebholeni. Zenzeka noma nini. Nami ngehlelwa yishwa. Bekumele ngingaziqambeli amanga. Ukulimala kwami kuzovulela omunye umdlali elinye ithuba,” kuchaza uVan Wyk.
IBanyana iboshelwe eqoqweni elilodwa neSweden, Argentina ne-Italy.
“Leli yiqoqo elinzima. Angeke libelula kodwa abadlali abafana noRefileo Jane noLinda Matlhola bazoba wusizo ngoba badlalile e-Italy naseSweden. Bazokwazi ukucebisa ozakwethu ngendlela la mazwe adlala ngayo.” kuphetha uVan Wyk.