Busabonakala ubuholi bukaLembede nanamuhla
Intsha ngabantu abanomfutho, nentshisekelo yokwenza izinto ngendlela yabo. Abanye abantu abasha bayisibonelo esihle emphakathini ekubeni abanye kukhalwa ngabo kuthiwa ‘inzalo yamahlongandlebe’.
Omunye wabaholi bentsha owabeka induku ebandla, owethulelwa isigqoko, nowasebenzisa umdlandla wobusha, ikhono, imfundo nentshisekelo yokuphumelela empilweni nguMnu uMzwakhe Anton Lembede. ULembede okwamenza waba ngomusha ovelele ukuthi uphumelele yize evela emndenini ohlwempu. Wazalelwa emapulazini ezimoba eStone, ngaphandle kwaseMbumbulu. Uyise kaMacingwane (abakwaLembede) wayesebenza emapulazini. Waphoqeleka ukuthutha nomndeni wakhe bayokwakha endaweni yeNkosi uMakhanya, khona eMbumbulu, ukuze izingane zakhe zifunde
ULembede, ufunde e-Adams College, lapho ekhombise ukukhalipha okumangalisayo. Uphase isiLatin ngamalengiso kuMatikuletsheni waqhubeka wafundela ubuthishela. ULembede uqale ukufundisa eFree State (isabizwa nge-Orange Free State). Into eyamhlaba umxhwele uLembede, usikompilo lamaBhunu.
Indlela amaBhunu ayezigqaja ngayo ngolimi, amasiko, nenkambiso yawo, kwamfaka ugqozi lokuthi akhuthaze ama-Afrika ukuthi azigqaje ngobu-Afrika. Washumayela ivangeli lobu-Afrika.
Efundisa eFree State, waphothula izifundo zomthetho, ngemuva kwalokho, wafudukela eGoli wasebenza eHhovisi likaDkt uPixley ka-Isaka Seme, ongomunye wabasunguli be-African National Congress (ANC). EGoli, uLembede nabanye ontanga yakhe oMnu uPeter Mda, uMnu u-Oliver Tambo, uMnu uNelson Mandela, oMnu uZeph Mothopeng, oMnu Masabalala Yengwa nabanye basungula i-ANC Youth League (uVukayibambe). Isizathu esenza lokho ukuthi babethatha abaholi abadala bakaKhongolose, oDkt uJames Moroka, uDkt u-AB Xuma noMfundisi uSefako Makgatho njengabaholi ababengenambono ngokulethela abantu baseNingizimu Afrika inkululeko.
I-ANC Youth League yasungulwa ngonyaka we-1943, uLembede wakhethwa engqungqutheleni waba nguMengameli wayo wokuqala. Waqopha iProgramme of Action, eyaqala ukusebenza ngonyaka wezi-1949 esehambile emhlabeni, njengoba ashona ngonyaka wezi-1947 eneminyaka engama-33 nje kuphela. Wayebuya emhlanganweni wakhala ngokujuqwa isisu. Ushona nje useneziqu zeMasters of Arts in Philosophy, azithola eNyuvesi yaseNingizimu Afrika.
IProgramme of Action yangowezi-1949 kaVukayibambe, yayikhuthaza amavolontiya nemibhikisho engahambisani nodlame. Encwadini kaMadiba i Long Walk to Freedom uchaza uLembede njengensizwa ezinsizweni ngendlela ayeziphatha ngayo, eyisibonelo kontanga yakhe nakwabadala kunaye. NguVukayibambe ngesikhathi sobuholi bukaLembede owakhuthaza ukusebenzisana phakathi kukaKhongolose neNatal Indian Congress, iTransvaal Indian Congress, iCape Coloured Congress neCongress of the People (abamhlophe ababezonda ubandlululo).
Le mikhankaso eyaqalwa uVukayibambe yaholela kuDefiance Campaign yangowezi-1952 yize uLembede ayesengasekho emhlabeni kodwa umlilo washiya esewuvuthele. Ngesikhathi uSolwazi uMangaliso Sobukwe, nabanye ontanga yakhe besungula iPan Africanist Congress (PAC) ngoMbasa ngowezi-1959, intsha eningi neyayingamalungu kaVukayibambe yahamba naye.
Ngemuva kwesibhicongo saseSharpeville samhla zingama-21 kuNdasa ngowezi-1960, uNdunankulu waseNingizimu Afrika, uDkt uHendrick Verwoed, wavala umlomo i-ANC nePAC, abantu ababeshoshozela inkululeko baya ekudingisweni abanye bagqunywa emajele.
Amalungu amaningi kaVukayibambe, aya ekudingisweni ajoyina iLuthuli Detachment. UMnu uJackie Selebi, ukhethwe waba ngumengameli kaVukayibambe ekudingisweni noma umndlandla wawungasekho phezulu njengoba wawukhona i-ANC ingakavalwa umlomo.
Intsha eyayingaphakathi ezweni ekuvalweni umlomo kwezinhlangano zepolitiki, yajoyina iBlack Consciousness Movement (BCM). Yizimfundiso zeBCM ezaba nomthelela ekubhedukeni kwezibhelu zaseSoweto zangoNhlangulana wezi-1976. Intsha eningi yaphoqwa ukuba ifulathele leli zwe iye emazweni ahlukene ekudingisweni ngenxa yenqubo yobandlululo.
Ngeminyaka yezi-80’s intsha eNingizimu Afrika isungule iSouth African Youth Congress (SAYCO) iholwa uMnu uPeter Mokaba waseMakweng, ePolokwane, eLimpopo. Bambalwa ababesazi uLembede, engasaphathwa naseziqubulweni zeSAYCO. UMnu uLulu Johnson noMnu uParks Mankahlana, bawuholile uVukayibambe ngemuva kukaMokaba, nangaso leso sikhathi igama namagalelo kaLembede bekungaqhakanjiswa.
Kuze kwaba yisikhathi sikaMnu uMalusi Gigaba, enguMengameli kaVukayibambe, okhumbule amagalelo kaLembede. Uqale izifundo ngoLembede ebezenziwa ezindaweni ezahlukene zezwe.
Ngonyaka wezi-2002 umndeni kaLembede eMbumbulu, uKhongolose, noVukayibambe balande izinsalela namathambo akhe eNorthcliffe, eGoli, lapho agcwatshwa khona wathunwa okwesibili kubo.
ULembede uhlonishwe nguMasipala weTheku ngokuqamba umgwaqo omkhulu enkabeni yedolobha ngaye. Lowo mgwaqo wawaziwa ngoSmith Street manje usung- Anton Lembede Street. Uzalo lukaLembede lusekhona namanje eMbumbulu.