Izaga ziyayiphonononga ziyihlobise inkulumo


lzaga zenza inkulumo ibemnandi, ikhanye, ishelele. Kuthi noma lowo oyixoxa eyinonga ngezaga indaba yakhe, izwakale ihlabahlosile, ithi, “ngilalele!” Nababhali uma sebekhipha amangwevu okubhala, uyobabona ngokusebenzisa izaga nezisho zolimi. “Ukwanda kwaliwa umthakathi”, uma umuntu ebonga ngokuthile omenzele khona noma omuphe khona. “Akukho qili elazikhotha emhlane!” Uma lowo engakwazanga ukunyonka, waze wabhajwa esifeni ethi yena uhlakaniphile kanti kabuzanga elangeni. Zonke ziyakhuluma, zixoxa indaba ngokwazo, futhi zinothisa ulimi olukhulunywayo.
Namanje izaga zisasungulwa, ngoba phela impilo yinto ehlala ikhona, edla ngokuguquka. Ezamanje sezikhomba izinto zamanje, njengokuthi nje: “Akasathukuthele nje usekhotha ipani lishisa!”, “Useshwawuza nje sengathi ushiswa yizambane emlonyeni”, “Sekulujeje, amaswidi akwaBhaklili”, “Umtitilizo indali yakwaBhasa”, “Ugibela ihhashi ngaphandle kwesihlalo”, nezinye-ke ezifana nalesi esithi: “Wazithela msobho eswayini”, kumbe “Wazithela sobho kusawoti”, abavamise ukuzisho uma sezibambene, ziqhuthana amakhizane, sekudela uMakhasana owazibona zishayana ezidla ubhedu.
Naso-ke lesi sika“Sobohla Manyosi”, singawulanda umlando waso.
Kukhona intaba enjengesihlalo ngaseMfolozi Emhlophe. Lentaba ibizwa ngokuthiwa iSihlalo sikaManyosi. UManyosi lona kwakungowakwaMbatha, ekhuluphele engangenyathi. Kuthiwa uManyosi lona wayethandwa yinkosi uDingane kakhulu, ngoba kwakungumuntu wamahlaya, ehlekisa enensini, futhi kwayena ezenza inhlekisa. Kwakuthi uma kufike izihambi lapha esigodlweni senkosi uDingane, athumele izwi kuManyosi ukuba ayobizwa, ukuze azikhombise izihambi ukuthi umuntu uyakwazi ukudla imbuzi nenhloko yayo namanqina ngasikhathi sinye, ayishaye ayibhuqe!
Ngelinye ilanga inkosi uDingane efuna ukubona indlela ayeminza ngayo uManyosi, wathi akuhlatshwe imbuzi, kugaywe notshwala. Nembala-ke bagaywa utshwala nembuzi yahlatshwa, kwakhongozelwa igazi layo, kwaphekwa ububende.
lsivuthiwe yonke imbuzi ngisho nokwangaphakathi kwayo, nenhloko namanqina, umhluzi wayo usunsundu sengathi ibichochobaliswe esidulini, yephulwa-ke yabekwa ogqokweni, nomhluzi wathelwa emcakulweni, kwasondezwa nokhamba lotshwala. Wabizwa-ke uManyosi umfo wasemaMbatheni, kwathiwa akazokudla inkosi imbhekile.
Nangempela okaShandu, wakhuleka maqede wayingenela inyama ethi mphimbo phepha wafa yizagila! Waqala ngeyangaphakathi, wayishaya wayibhuqa, ede eyehlisa ngesobho layo, athathe amathamo angemangaki amakhulu otshwala, ehlise amaqatha.
Ebomvu yona kwaba sengathi ngamanzi encelwa yisihlabathi; yavele yashona kwalasha kuManyosi, amathambo asala emhlophe. Nayo wayede eyehlisa ngomhluzi wayo nangotshwala. Wathi lapho esengenele inhloko namanqina, washaya wabhuqa kwasala ukhanda lwembuzi lumhlophe nke! Waze wacaba nomnkantsha, wadla nobuchopho, wehlisa ngesobho, weleka ngotshwala, wasishaya sababomvu!
Kodwa kwathi ngenkathi kuvele ingxabano eyalandelwa wukudabuka kwegoda phakathi kukaDingane noMpande, uManyosi wamhlamuka uDingane, wemuka noMpande. UDingane akasithandanga neze lesosenzo sikaManyosi lapho etshelwa ngaso, ukuba kuthi kade emkhonze kangako emhlabela izimbuzi azidle yedwa ashaye esibomvu, bese emlahlisa okwenyongo yenyathi emuka noMpande. Kulapho-ke lapho inkosi uDingane yathukuthela yagana unwabu, yakhipha lolusongo, imsongela ithi, “Sobohla Manyosi!” Phela uDingane wayekhuluma ngesisu sikaManyosi ukuthi siyobohla, aze awukhumbule lombuso abebusa ngawo kuye yena Dingane wokuhlatshelwa izimbuzi azidle yedwana.
Saqala kanjalo-ke isaga sokuthi: “Sobohla Manyosi!” Sasungulwa yinkosi uDingane. Nanamuhla kusashiwo uma umuntu edlala ngokudla, kuthiwe: “Sobohla Manyosi!” Okuwukuthi, ngelinye ilanga kuyophela ukudla, umuntu abulawe yindlala!