Now Reading
Sikhwele sadilika kwabakwa Engen isikhulu seSafa eThekwini 
Dark Light

Sikhwele sadilika kwabakwa Engen isikhulu seSafa eThekwini 

Kuqale ukuthulwa ngokusemthethweni kwe-Engen Knockout Challenge isimo sesimuncu, lokho kwenzeke emva kokuthi uMengameli weSafa eThekwini uMazwi Mkhize ekhwela edilika kubaxhasi balo mqhudelwano. 

Okuyikho okucasule uMkhize ukuthi ohlelweni bekufakwe isikhulumi esivela kwiSAFA KwaZulu-Natal eholwa nguKwenza Ngwenya esikhundleni seSAFA eThekwini. 

UMkhize impela ubeseduba kulo mcimbi obubanjelwe eHoy Park, eThekwini ngoLwesibili. Ngesikhathi eseyongena emotweni uGugu Marawa weKZN Academy, ukwazile ukukhuluma noMkhize wagcine ebuyele ngaphakathi. 

Okunye obekudine uMkhize ukuthi i-Engen ihlela lo mqhudelwano ngokubambisana neDurban Ladies esikhundleni sokuwunika iSAFA. 

Amazwi akhe awakhiphile ekhuluma uMkhize ukuthi akasaphathekile kahle, ube eseqhubeka ekhuluma esho namagama angehli kahle. 

“ISAFA inezifunda ezingama-52. ISAFA eThekwini esinye sazo. Ngakho uma nizokwenza lo mqhudelwano ngaphandle kweSAFA eThekwini kodwa nilapha, nicabanga ukuthi ngizowumela lowo mbhedo. Ngeke ngikwenze lokho. AmaZulu kade esingatha lo mqhudelwano, angikaze ngihlazeke. Ngimdala ebholeni ngiyaqala ukungahlonipheki kanjena, ngizibona ngingelutho kanje” kusho uMkhize.

Ngesikhathi ekhuluma lamazwi uMkhize ubekhombisa ukuthi udiniwe kanti ngomunwe ubekhomba uGavin Smith waka-Engen. 

Eqhuba uMkhize uthe: “Sifuna iSAFA iyisingathe le nto. Asimdingi umuntu ozoba phakathi nendawo (Middleman). ISAFA eThekwini iyilungu leSAFA neFIFA. Siyakwazi ukwenza imiqhudelwano. Asidingi muntu phakathi nendawo ozoba umxhumanisi. Iwukubukela phansi iSAFA eyokuba nomuntu phakathi nendawo. BekungaMaZulu, manje sekuyiDurban Ladies. Ayikho incazelo yalokhu”. 

See Also

Lo mqhudelwano uzodlalwa ngamaqembu ali-16 abesilisa abaneminyaka engaphansi kweli-18, kube amaqembu abesifazane abaneminyaka engaphansi kwengama-20. Uzoqala mhla zingama-30 kuya mhla zimbili kuNtulikazi. 

Nyakenye amaqembu anqoba kwabesilisa kwaba iMidlands kwathi kwabesifazane kwaba iSunflower WFC. 

Amaqembu anqoba lo mqhudelwano kuminxa yomubili ayahamba ayomela isifundazwe koweChamp of Champs oba seGauteng ngasekupheleni konyaka.

Scroll To Top