Now Reading
Bathi kukhethwe iphela emasini ngomklomelo
Dark Light

Bathi kukhethwe iphela emasini ngomklomelo

Kungakapheli ngisho isikhathi esingangesonto kade kukhona ukukhalaza ngokunqoba komdlali weMamelodi Sundowns uTeboho Mokoena, umklomelo womdlali ovelele kuDStv Premiership kusizini ka-2022/23. Kulo mklomelo abantu abaningi bebewukhomba kwisikhwishikhwishi se-Orlando Pirates uMonnapule Saleng.

Isililo sesiphinde saqhuma kwezamankomane, lapho kukhala khona abasesifundazweni iKwaZulu-Natal ngokuthi kukhethwe iphela emasini kulabo abaqokwe kwimkomelo yonyaka.

Ukuthulwa kwalabo abazobanga imiklomelo kwenzeke ngoLwesithathu, ePremier Hotel eMhlanga. Lapho bekukhona ikomiti ebeliholwa u-Eric Ntsikayezwe Sithole oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiBoxing South Africa (BSA), nabanye ophromotha baKwaZulu-Natal.

Okugqamile ukuthi lokhu kuthulwa kwalabo abaqokiwe kwenzeke esifundazweni iKwaZulu-Natal, kodwa babe bathathu kuphela abakulesi sifundazwe abaqokiwe kuyona yonke imikomelo. AbaKwaZulu-Natal abaqokiwe uBheki “Skeleton” Mngomezulu koweTrainer of the Year, uNomusa Ngema koweFemale Prospect of the Year, noweFemale Fight of the Year kweyaThema Zuma noBathabile Ziqubu bobabili bakulesi sifundazwe.

Kwenzeka konke lokhu nje iKwaZulu-Natal ibalwa nezifundazwe ezintathu ezidlala indima enkulu ekutheni kufukuleke isibhakela ekade sesishabalele eminyakeni edlule. Ezinye izifundazwe iGauteng ne-Eastern Cape, zombili lezi zifundazwe izona eziqokwe kaningi kule mikomelo okulindeleke ukuthi ibe mhla zingama-30 kwephezulu e-ICC, eThekwini.

Umkomelo osuse ukukhuluma owePromoter of the Year, lapho kukhona iTLB Promotions, iJackie Brice Promotions ne-ESPN Africa Promotions.

See Also

ElaboHlanga likhulume noZandile Malinga weStarline Boxing Promotions, obedinwe egane unwabu. “Mina ngiwuZandile Malinga weStarline Boxing Promotions ingithusile imiphumela yendlela okuqokwe ngayo, okwenza lokho isibhakela sibuyela endleleni yakudala nje isifundazwe iKwaZulu-Natal ibalwa nezifundazwe ezaintathu ezenza lokho kodwa akubonakali. I-ESPN ifakwa kanjani kumkomelo wePromoter of the Year, ekubeni kungekho lapho ecela khona izimali inezimali zayo. Akuhlukile ukuthi siqhathaniswa noSupersport imbala” kusho uKaMalinga.

Akagcinanga lapho lophromotha uphinde wakhala ngokungaqokwa kukaBheki “BK” Msibi kumkomelo weMatch Maker of the Year. Kulo mkomelo kuqokwe uLuyanda Kana, u-Ephraim Simba no-Abbey Msibi.

Scroll To Top