Inkampani yase-China ikhonge ubuhlobo koMkhulu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Inkampani ekhiqiza izimoto iJAC onkaba yayo ise-China kuleli sonto ivakashele ISILO eSigodlweni kwaKhangelamankengane, KwaNongoma. Ngokusho kwezikhulu zale nkampani, Inhloso yokuvakasha bekuwuzokwethulela ISILO uhlelo lwayo lokutshala izimali kuleli.
UMnu uHeinz Gobel oyisikhulu esiphezulu seJAC Motors South Africa, ukuvezile ukuthi ngisho noma ukusebenza kwalenkampani kubhekene nezingqinamba ezithile kodwa iqhubekile nokukhiqiza izimoto futhi yakha amathuba emisebenzi ezweni.
“Phezu kwezinqinamba ezibhekene neNingizimu Afrika okuhambisana nokucima kukagesi, siqhubekile satshala imikhiqizo yethu kuleli. Okunye lelizwe liseyisizinda sokutshalwa kwezimali esikhethwa ngamazwe amaningi, kodwa siyaqhubeka nokuletha yona imikhiqizo yakwaJAC. Sinezinkampani ezingaphezu kwezingama-60 eNingizimu Afrika, osekudale amathuba amaningi omsebenzi. Kunekusasa elihle kulelizwe” kusho uGobel.
Eqhuba uthe: “Asikwazi ukutshala ezweni bese singawakhandi amathuba omsebenzi. Esikufisayo ukuvula amathuba emisebenzi ezindaweni zasemakhaya. Sisezinhlelweni zokusungula imboni yokukhiqiza. Yize singakanqumi ukuthi izotholakala kuphi. Kodwa ngenxa yokuthi izimoto zethu eziningi zidlula eThekwini nazo zonke izindawo zomnotho, isifundazwe iKwaZulu-Natal sinethuba elihle lokuba lemboni isungulwe kuso” kuphetha yena.
Uma amagama kaGobel efezeka yakhiwe imboni lapha eNingizimu Afrika kuzobe sekusho ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe lesine elikhiqiza izimoto zakwa -JAC, lilandela amazwe afana neKenya, i-Egypt kanye ne-Algeria.
Izikhulu zalenkampani bezihamba namanxusa ayo okuwuMnu u-Ayanda Msweli ongumsakazi woKhozi FM noMnu uNgizwe Mchunu. Ithimba lifika lenza nezethulo koMkhulu ngamaguqa amane.
Omunye okhulume nelaboHlanga uMnu uSicelo Nyandeni oyisikhulu esibhekele ukusebenza kweHalfway Auto South Coast, okuyinkampani edayisa izimoto ebihola umkhankaso obubheke KwaKhangelamankengane uphawule kanje ngaloluhambo: “Ukuvakasha kwethu lapha KwaKhangelamankengane bekumayelana nokuzethula koMdala nokwethula inkampani kanye neqhaza esingalibamba ekunciphiseni ukuntuleka kwemisebenzi. Sifuna ukwakha ubudlelwano obuhle neSILO kanye nabantu besifundazwe iKwaZulu-Natal. Sikhulume ngobudlelwano obuhlakaniphile ngoba umbono wethu uthi akuhlale kukhulunywa ngebhizinisi, kodwa kuthinta abantu. Ukwenza isibonelo, uma sibeka ama-dealership amaningi endaweni yaseZululand, kuzovuleka amathuba emisebenzi. Kukhona nemibono eqinile esixoxa ngayo futhi ezinyangeni ezimbalwa sizokwabelana ngayo nomphakathi,” kuphetha uNyandeni.