Now Reading
Asigwinye itshe sibamukele abokufika ngoba ekugcineni singama-Afrika
Dark Light

Asigwinye itshe sibamukele abokufika ngoba ekugcineni singama-Afrika

Ukude kwelulwa isikhathi sephemithi yabaseZimbabwe kuyizinkomba zokuthi bangagcina bephelele kuleli


Isinyathelo sikaNgqongqoshe Wezasekhaya uDkt u-Aaron Motsoaledi sokuphinda elule iphemithi yabantu baseZimbabwe abahlala kuleli ebizwa ngeZimbabwean Exemption Permits, akubanga yinto eyethusile kwazise ubudlelwane phakathi kweNingizimu Afrika naleliya lizwe buhle.

Sekungokwesithathu yelulwa iphemithi ngezinyanga eziyisithupha okuyizinkomba zokuthi kukhona ukudembesela nokungazimiseli ukuphothula izinhlelo zokubuyisela abantu ezweni labo.

Umnqamulajuqu bekungu mhla zingama-30 kuNhlangulana kophezulu, manje isizophelelwa isikhathi zingama-31 kuZibandlela.

Ekululeni isikhathi uMotsoaledi uzithethelele ngokuthi bathole izicelo eziningi zabantu baseZimbabwe zokubuyekezwa kwezicelo zokuqhubeka nokugoba amadlangala kuleli.

Uthe ngosuku bathola izicelo ezingaphezulu kwenkulungwane okuhlanganisa nezama visa.  Esekushilo konke uNgqongqoshe asikhumbule ukuthi yiqiniso elaziwayo ukuthi udaba lwabokufika kuleli lubucayi futhi luvusa uhlevane, ludale nokwehlukana ngemibono kusuka emphakathini emazingeni aphansi kuze kuyoshaya kosopolitiki ezingeni likazwelonke.

Sesifikile isikhathi sokuba iphele ingebhe kubhekwane ngqo nalo ngoba luyadinga ukusukunyelwa kungade kunyanyalatwa. Ngeledlule izinhlangano ezahlukene zomphakathi eGoli zibhikishe ngaphandle kwamahhovisi ezasekhaya zizwakalisa ukungeneliseki ngendlela okulethwa ngayo izidingo emphakathini. Obekuphambili kuzikhalo zawo ukuthi noma intuthuko nezidingo kufika, kepha kuyagqoza noma kuhlomule ingxenye encane ngoba sekugcwele abokufika okudinga bahluphelelane nabo.

Emhlabeni wonke, alikho izwe elingenabo abokufika ngakho neNingizimu Afrika ingena kulowo mgudu.

See Also

Sekuyisikhathi sokuthi abantu bakuleli bagwinye itshe bakwamukele ukuthi kumele samukelane, sihlephulelane kulokho okuncane okulethwa uhulumeni emphakathini ngoba sonke siyadingana.

Asikholwa ukuthi nalaba bantu abaphuma eZimbabwe nakwamanye amazwe abakuleli, balapha ngokwezifiso zabo.

Zinsuku zaphuma kuyabikwa emithonjeni yabezindaba ngesimo esingesihle senhlalo nempilo kulamazwe.

Empeleni akekho umuntu ofisayo ukuthi impilo yakhe iphelele kwelinye izwe. Uma kuphoqa ukuthi abantu bangaphandle abakuleli bahlale ngokusemthethweni, kumele kulandelwe uhlelo oluvulelekile kungacashwa ngesithupha. Uhulumeni ophethe izwe oholwa yi-African National Congress awusoze nanini walaxaza okwenyongo yenyathi abantu bakwamanye amazwe e-Afrika. Yiwo lawa mazwe adela konke ekhoselisa ababesekubhaceni ngesikhathi sobandlulo.

Scroll To Top