Siyofa nini kulokhu kudondolezelwa ngathi

NEMBALA siphila esikhathini esinzima. Umhlaba uyazamazama futhi lifa ngathi. Umuga lo wenzeka kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Uma useNingizimu Afrika abanye bathi usendaweni engcono ngoba nakhu akukho ntabamlilo edubulayo noma ulwandle olubhubhisayo. Kwabanye eNingizimu Afrika isimo kasisihle njengoba kucatshangwa. Nakuleli izakhamuzi zihleli eduze kwentabamlilo yobubha njengoba nemisebenzi ingabonwa. Imizi eminingi kuthi kuhwalala kube kubakazwa ukuthi kuyothathwani kuhlanganiswe nani. Yilesi simo esidala ukuthi kumangaze lokhu okuhlongozwa yinhlangano esingethe ukuphehlwa nokusabalaliswa kukagesi i-Eskom. Le nkampani kuleli sonto yethule isiphakamiso sayo kuNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) sokukhushulwa kwentengo yokuthengwa kukagesi ngama-15% ngonyakamali wezi- 2019/20. Okumise isidwa kulesi sicelo yisibindi sabakwa- Eskom abalibele lavundla kabili elokuthi bafuna lokhu nje nabo bami kabi njengoba benesikweletu sezigidigidi ezingama-R400. Ngamafuphi inhlangano i-Eskom ithi thina njengezakhamuzi asikhiphe imali ukuze wona ukwazi ukukhokhela izikweletu zawo ezinye zamabomu ngenxa yobudedengu obenziwa yizikhulu zawo eminyakeni eyedlule.
Lesi sicelo senziwa ngabantu ababukeka bazi ngobunzima bokungabi namali noma ukuphila ngaphansi kwesikweletu. Futhi laba ngabantu abangafihli ukuthi inhloso yokuphuma kulolu taku wukuqinisekisa ukuthi benza inzuzo. Okumangazayo kulokhu wukuthi le mali bayifuna kubantu (izakhamuzi) nabo abaxinwe yizikweletu, ezingenamisebenzi. Laba ngabantu iningi labo elingazi nokuthi ngenyanga ezayo liyobe lisakwazi yini ukuzibamba ngamazinyo , abakhishwa ezindlini ngenxa yezikweletu, izingane ezifunda zimiswa ngoba kazikhkhile. Abantu amabhizinisi abo angavalwa noma yinini. Nabo basesimweni sika-Eskom umehluko wukuthi bona abanamuntu abangakhala kuye. Ngakolunye uhlangothi le nhlangano i-Eskom inensengakwazi okunguHulumeni kanye nathi zakhamuzi enede nje ikhale ngosizi bese kulethwa usizo. Uma ukade wawulalela lezi zingcawu usuke sewazi ukuthi noma singaklewula sithini ngale mikhuba esigilwa yona kepha kuzokwenzeka, u-Eskom uzokuthola akufunayo noma ngabe kuzoncozulwa kepha uzokuthola. Abangeke bathole lutho nabazosala behlwempu yithi mphakathi. Akuyena u-Eskom kuphela nangu noSouth African Airways naye usasithola isipho sikaKhisimuzi. Akukho ukungabaza ukuthi nakulokhu insilane (imvubu) izokhala kithi, kuzodondozelwa ngathi njengaminyaka yonke. Siyofa nini?